1 uSamuweli 19:1-24

1 uSamuweli 19:1-24 IsiZulu 2020 (ZUL20)

USawule wakhuluma noJonathani, indodana yakhe, nazo zonke izinceku zakhe ngetulo lokubulala uDavide. Kepha uJonathani wayemthanda kakhulu uDavide. UJonathani wamtshela uDavide, wathi: “USawule, ubaba, ufuna ukukubulala, ngakho-ke kusasa qaphela, uhlale esithe, ubhace. Mina ngizophuma ngime ngakubaba endle lapho ubhace khona, ngizokhuluma ngawe kubaba; uma ngibona okuthile ngizokutshela.” UJonathani wakhuluma kahle ngoDavide kuyise uSawule, wathi kuye: “Inkosi mayingenzi okubi encekwini yayo uDavide, ngoba ayonanga lutho kuwe. Imisebenzi yayo ekwenzele yona mihle kakhulu. Ibeke impilo yayo engcupheni ngesikhathi ibulala umFilisti, uSimakade wabalethela ukunqoba okukhulu bonke abakwa-Israyeli. Uzibonele nawe, wajabula, pho kungani-ke usufuna ukona umuntu ongenacala, ubulale uDavide ngaphandle kwesizathu na?” USawule wamlalela uJonathani, wayesefunga ethi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade, akayukubulawa.” UJonathani wambiza uDavide wamtshela konke okwakushiwo nguyise. UJonathani waletha uDavide kuSawule, wamsebenzela njengakuqala. Kwaphinde kwaqubuka impi, uDavide waphuma wayokulwa namaFilisti, wabulala amaningi; asindayo acela empunzini. Umoya omubi owawuvela kuSimakade wehlela kuSawule ehlezi endlini yakhe, ephethe umkhonto ngesandla; uDavide wayebetha ihabhu ngesandla. USawule wazama ukuphisela uDavide ngomkhonto odongeni, kodwa waphunyula kuSawule, umkhonto waphaphalaza wagwaza udonga. UDavide wayesebaleka, waphunyuka kanjalo-ke ngalobo busuku. USawule wathumela izithunywa endlini kaDavide ukuba zimqaphe, bese zimbulala ekuseni. UMikhali, umkakhe, wambikela uDavide, wathi: “Uma ungayihlengi impilo yakho ngalobu busuku, uzobulawa kusasa.” UMikhali wamehlisa uDavide ngefasitela. UDavide wahamba, wabaleka, waphunyuka kanjalo-ke. UMikhali wathatha itherafimi, walibeka embhedeni, wabeka isicamelo soboya bezimbuzi ngasekhanda lalo, walembesa ngezingubo. Kwathi lapho uSawule esethumela izithunywa ukuba ziyolanda uDavide, uMikhali wathi: “Uyagula.” USawule wathumela izithunywa ukuba ziyombona uDavide, wathi: “Mkhuphuleni nimlethe lapha kimi ngombhede ukuze ngimbulale.” Izithunywa zafika; bheka, kwakunetherafimi embhedeni nesicamelo soboya bezimbuzi singasekhanda lalo. USawule wathi kuMikhali: “Ungikhohliseleni kanje, uvumele isitha sami ukuba sihambe, siphunyuke na?” UMikhali wamphendula uSawule, wathi: “UDavide uthe kimi: ‘Ngivumele ngihambe; kungani ngizoze ngikubulale na?’ ” UDavide wabaleka, waphunyuka, waya kuSamuweli eRama. Wambikela konke uSawule ayekwenze kuye. Yena noSamuweli bahamba bayohlala eNayothi. Kwabikwa kuSawule, kwathiwa: “Bheka, uDavide useNayothi, eRama.” USawule wathuma izithunywa ukuba ziyolanda uDavide. Kwathi lapho zibona iviyo labaphrofethi bephrofetha, kumi uSamuweli engumholi wabo, uMoya kaNkulunkulu wehlela ezithunyweni zikaSawule, nazo zaphrofetha. Lokho kwabikelwa uSawule, wabuye wathumela ezinye izithunywa; nazo zaphrofetha. USawule waphinda futhi wathumela ezinye izithunywa ngokwesithathu; nazo zaphrofetha. USawule wayeseya eRama, wafika emthonjeni eSeku, wabuza wathi: “Ukuphi uSamuweli noDavide na?” Kwathiwa: “BaseNayothi eRama.” Wayeseya khona eNayothi eRama, uMoya kaNkulunkulu wehlela naphezu kwakhe, wayehamba ephrofetha, waze wayofika eNayothi, eRama. USawule wakhumula izingubo zakhe, waphrofetha phambi kukaSamuweli. Walala phansi enqunu lonke lolo lusuku nabo bonke lobo busuku. Yingakho abantu bathi: “Kanti noSawule uphakathi kwabaphrofethi na?”

1 uSamuweli 19:1-24 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

USawule wakhuluma kuJonathani indodana yakhe nakuzo zonke izinceku zakhe ngokubulala uDavide. Kepha uJonathani indodana kaSawule wamenamela kakhulu uDavide. UJonathani wamtshela uDavide, wathi: “USawule ubaba ufuna ukukubulala; ngalokho ake uxwaye kusasa, uhlale esitha, ucashe; ngiyakuphuma ngime ngakubaba endle lapho ukhona, ngikhulume ngawe nobaba; uma ngibona okuthile, ngiyakukutshela.” UJonathani wakhuluma okuhle ngoDavide kuSawule uyise, wathi kuye: “Inkosi mayingayoni inceku yayo uDavide, ngokuba akakonanga, nemisebenzi yakhe kuwe ilungile kakhulu; wabeka ukuphila kwakhe esandleni sakhe, wabulala umFilisti, uJehova wamenzela wonke u-Israyeli insindiso enkulu, wakubona wena, wathokoza; pho, uyakulonelani igazi elingenacala, umbulale uDavide engone lutho na?” USawule walilalela izwi likaJonathani; uSawule wafunga wathi: “Kuphila kukaJehova, akayikubulawa.” UJonathani wambiza uDavide; uJonathani wamtshela konke lokho. UJonathani wamyisa uDavide kuSawule, waba khona ebusweni bakhe njengakuqala. Kwabuye kwaba khona impi futhi; uDavide waphuma walwa namaFilisti, wawaceka ngokuceka okukhulu; ambalekela. Umoya omubi owavela kuJehova wamehlela uSawule ehlezi endlini yakhe, ephethe umkhonto esandleni sakhe; uDavide wayebetha ngesandla. USawule wafuna ukumbhujela uDavide ngomkhonto odongeni, kepha wanyelela ebusweni bukaSawule, wagwaza ngomkhonto odongeni; uDavide wabaleka, waphunyuka ngalobo busuku. USawule wathuma izithunywa endlini kaDavide ukuba zimlinde, zimbulale ekuseni; uMikhali umkaDavide wamtshela wathi: “Uma ungasindisi ukuphila kwakho ngalobu busuku, uyakubulawa kusasa.” UMikhali wamehlisa uDavide ngefasitele, wahamba, wabaleka, waphunyuka. UMikhali wathatha itherafi,* walibeka embhedeni, wabeka isicamelo soboya bezimbuzi ngasekhanda lalo, walembesa izingubo. Lapho uSawule esethuma izithunywa ukumthatha uDavide, wathi: “Uyagula.” USawule wathuma izithunywa ukumbona uDavide, ethi: “Mkhuphuleni kimi ngombhede ukuba ngimbulale.” Lapho izithunywa zingena, bheka, itherafi* lalisembhedeni, isicamelo soboya bezimbuzi singasekhanda lalo. USawule wathi kuMikhali: “Ungikhohliseleni kanje, uvumele isitha sami ukuba sihambe, siphunyuke, na?” UMikhali wamphendula uSawule ngokuthi: “Wathi kimi: ‘Ngivumele ukuba ngihambe; ngiyakukubulalelani na?’ ” Wayesebaleka uDavide, waphunyuka, waya kuSamuweli eRama, wamtshela konke uSawule abekwenzile kuye. Yena noSamuweli baya bahlala eNayoti. Kwabikwa kuSawule, kwathiwa: “Bheka, uDavide useNayoti eRama.” USawule wathuma izithunywa ukumthatha uDavide; lapho zibona iviyo labaprofethi beprofetha, uSamuweli emi engumholi wabo, uMoya kaNkulunkulu wazehlela izithunywa zikaSawule, nazo zaprofetha. Kwabikwa kuSawule; wathuma ezinye izithunywa; nazo zaprofetha. USawule wayesephinda wathuma izithunywa ngokwesithathu; nazo zaprofetha. Wayeseya naye eRama, wafika emthonjeni oseSeku, wabuza ukuthi: “Baphi oSamuweli noDavide na?” Kwathiwa: “Bheka, baseNayoti eRama.” Wayeseya khona eNayoti eRama; uMoya kaNkulunkulu wehlela naphezu kwakhe, wahambahamba waprofetha, waze wafika eNayoti eRama. Naye wakhumula izingubo zakhe, waprofetha naye phambi kukaSamuweli, walala phansi enqunu lonke lolo suku nabo bonke lobo busuku. Ngalokho kwathiwa: “Naye uSawule uphakathi kwabaprofethi na?”

1 uSamuweli 19:1-24 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

USawuli wasekhuluma kuJonathani indodana yakhe lakuzo zonke inceku zakhe ukuthi babulale uDavida. Kodwa uJonathani indodana kaSawule wayejabule kakhulu ngoDavide; uJonathani wamtshela uDavide, wathi: “Ubaba uSawule ufuna ukukubulala; Mina-ke ngizaphuma ngime lobaba egangeni lapho okhona, ngikhulume ngawe kubaba; futhi engikubonayo ngizokutshela. UJonathani wakhuluma okuhle ngoDavide kuSawule uyise, wathi kuye: “Inkosi mayingoni encekwini yayo uDavide; ngoba akonanga kuwe langenxa yokuthi imisebenzi yakhe yayimihle kakhulu kuwe. Wanikela ukuphila kwakhe esandleni sakhe, wambulala umFilisti, uJehova wenza ukusindisa okukhulu ku-Israyeli wonke; wakubona wathokoza; pho, niyakona ngani egazini elingenacala, nibulale uDavide ngeze, na? USawuli walilalela ilizwi likaJonathani, uSawuli wafunga wathi: Kuphila kukaJehova, kayikubulawa. UJonathani wambiza uDavide, uJonathani wamtshela zonke lezi zinto. UJonathani wamletha uDavide kuSawule, waba phambi kwakhe njengakuqala. Kwabuye kwaba khona impi, uDavide waphuma walwa namaFilisti, wawabulala ngokuceka okukhulu; bambalekela. Umoya omubi kaJehova waba phezu kukaSawule ehlezi endlini yakhe ephethe umkhonto esandleni sakhe, uDavide ebetha ngesandla sakhe. USawule wazama ukumgwaza uDavide odongeni ngomkhonto; kepha washelela ebusweni bukaSawule, wagwaza umkhonto odongeni; uDavide wabaleka, waphunyuka ngalobo busuku. USawule wayesethuma izithunywa endlini kaDavide ukuba zimlinde, zimbulale ekuseni; uMikhali umkaDavide wamtshela lokho, wathi: “Uma ungasindisi ukuphila kwakho ngalobu busuku, uyakubulawa kusasa; UMikali wayesemehlisa uDavide ngefasitela, wahamba, wabaleka, waphunyuka. UMigali wathatha isithombe esibaziweyo, wasibeka embhedeni, wabeka umcamelo woboya bembuzi engutsheni yawo, wasibekela ngendwangu. Lapho uSawule ethuma izithunywa ukuba zilande uDavide, yena wathi: “Uyagula.” USawule wabuye wathuma izithunywa ukubona uDavide, wathi: “Mletheni kimi embhedeni ukuba ngimbulale.” Lapho izithunywa zingena, kwakukhona isithombe embhedeni, nomcamelo woboya bembuzi isembatho saso. USawule wayesethi kuMikhali: “Ungikhohliseleni kanje, wamukisa isitha sami, saphunyuka, na? UMikhali wamphendula uSawule, wathi: “Wathi kimi: “Ngiyeke ngihambe; ngikubulaleleni. UDavide wayesebaleka, waphunyuka, wafika kuSamuweli eRama, wamtshela konke uSawule abekwenzile kuye. Yena noSamuweli bahamba, bahlala eNajoti. Kwabikwa kuSawule, kwathiwa: “Bheka, uDavide useNajoti eRama.” USawule wathuma izithunywa ukumlanda uDavide; lapho bebona uquqaba lwabaprofethi beprofetha noSamuweli emi phezu kwabo, uMoya kaNkulunkulu waba phezu kwezithunywa zikaSawule, nazo zaprofetha. Kwathi lapho kubikwa kuSawule, wathuma ezinye izithunywa, nazo zaprofetha ngokunjalo. USawule waphinda wathuma izithunywa ngokwesithathu, nazo zaprofetha. Naye waya eRama, wafika emthonjeni omkhulu oseSegu; wabuza wathi: “Baphi oSamuweli noDavide na?” Omunye wathi: “Bheka, bakanye noNajoti eRama.” Waya khona eNajoti eRama, loMoya kaNkulunkulu laye waba phezu kwakhe, waprofetha waze wafika eNajothi eRama. Naye wakhumula izingubo zakhe, waprofetha ngokunjalo phambi kukaSamuweli, walala enqunu usuku lonke nobusuku bonke. Ngakho bathi: Kambe uSawuli laye uphakathi kwabaprofethi yini?