1 uSamuweli 17:45-50
1 uSamuweli 17:45-50 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UDavide wayesethi kumFilisti: “Wena uza kimi nenkemba, umkhonto nengcula, kodwa mina ngiza kuwe ngegama likaSimakade Wamabandla, uNkulunkulu wempi ka-Israyeli oyeyisileyo. Namuhla uSimakade uzokunikela esandleni sami. Ngizokubulala, ngikunqume ikhanda. Khona namuhla izidumbu zempi yamaFilisti ngizozinika izinyoni zezulu nezilwane zomhlaba, ukuze umhlaba wazi ukuthi ukhona uNkulunkulu kwa-Israyeli. Yonke le nhlangano iyokwazi ukuthi uSimakade akasindisi ngenkemba nangomkhonto, ngokuba impi ingekaSimakade; uyakuninikela esandleni sethu.” Kwathi lapho esuka umFilisti weza wasondela ukuyohlangabezana noDavide, uDavide washesha wagijimela ngasempini ukuyohlangana nomFilisti. UDavide wafaka isandla sakhe esikhwameni sakhe, wakhipha khona itshe, walidwiza, wamshaya umFilisti ebunzini, itshe lashona ebunzini, wawela phansi ngobuso. UDavide wamehlula umFilisti ngendwayimana nangetshe, wamshaya umFilisti, wambulala, kodwa kwakungekho nkemba esandleni sikaDavide.
1 uSamuweli 17:45-50 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UDavide wayesethi kumFilisti: “Wena uza kimi nenkemba, nomkhonto, nengcula, kepha mina ngiza kuwe ngegama likaJehova Sebawoti, uNkulunkulu wempi ka-Israyeli oyeyisile. Namuhla uJehova uyakukunikela esandleni sami; ngiyakukubulala, ngisuse ikhanda lakho kuwe, nginike namuhla izinyoni zezulu nezilwane zomhlaba izidumbu zempi yamaFilisti, ukuze umhlaba wonke wazi ukuthi kukhona uNkulunkulu kwa-Israyeli, yazi yonke le nhlangano ukuthi uJehova akasindisi ngenkemba nangomkhonto; ngokuba ukulwa kungokukaJehova; uyakuninikela esandleni sethu.” Kwathi lapho esuka umFilisti weza wasondela ukuhlangabezana noDavide, uDavide washesha wagijimela ngasempini ukuhlangana nomFilisti. UDavide wafaka isandla sakhe esikhwameni sakhe, wakhipha khona itshe, waliphonsa, wamshaya umFilisti ebunzini, itshe lashona ebunzini, wawela phansi ngobuso. UDavide wamahlula umFilisti ngendwayimana nangetshe, wamshaya umFilisti, wambulala; kodwa kwakungekho nkemba esandleni sikaDavide.
1 uSamuweli 17:45-50 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UDavide wayesethi kumFilisti: “Wena uza kimi nenkemba, nomkhonto, nesihlangu; kepha mina ngiza kuwe egameni likaJehova Sebawoti, uNkulunkulu Sebawoti ka-Israyeli. Namuhla uJehova uyakukunikela esandleni sami; ngiyakukwehlula, ngisuse ikhanda lakho kuwe; ngiyakuzinika namuhla izinyoni zezulu nezilwane zomhlaba izidumbu zebutho lamaFilisti; ukuze umhlaba wonke wazi ukuthi kukhona uNkulunkulu kwa-Israyeli. Lonke leli bandla liyakwazi ukuthi uJehova akophuli ngenkemba nangomkhonto; ngokuba impi ingekaJehova, uyakuninikela esandleni sethu. Kwathi umFilisti eseqedile ukuhlangana loDavida, uDavida waphangisa wagijimela empini ukumhlangabeza umFilisti. UDavide wafaka isandla sakhe ekhukhwini lakhe, wakhipha itshe khona, walijikijela, wamshaya umFilisti ebunzini, itshe lashona ebunzini lakhe; wawa ngobuso emhlabathini. UDavide wamnqoba umFilisti ngendwayimana nangetshe, wamshaya umFilisti, wambulala; kodwa kwakungekho nkemba esandleni sikaDavide.