1 USamuweli 17:45-50

1 USamuweli 17:45-50 ZUL20

UDavide wayesethi kumFilisti: “Wena uza kimi nenkemba, umkhonto nengcula, kodwa mina ngiza kuwe ngegama likaSimakade Wamabandla, uNkulunkulu wempi ka-Israyeli oyeyisileyo. Namuhla uSimakade uzokunikela esandleni sami. Ngizokubulala, ngikunqume ikhanda. Khona namuhla izidumbu zempi yamaFilisti ngizozinika izinyoni zezulu nezilwane zomhlaba, ukuze umhlaba wazi ukuthi ukhona uNkulunkulu kwa-Israyeli. Yonke le nhlangano iyokwazi ukuthi uSimakade akasindisi ngenkemba nangomkhonto, ngokuba impi ingekaSimakade; uyakuninikela esandleni sethu.” Kwathi lapho esuka umFilisti weza wasondela ukuyohlangabezana noDavide, uDavide washesha wagijimela ngasempini ukuyohlangana nomFilisti. UDavide wafaka isandla sakhe esikhwameni sakhe, wakhipha khona itshe, walidwiza, wamshaya umFilisti ebunzini, itshe lashona ebunzini, wawela phansi ngobuso. UDavide wamehlula umFilisti ngendwayimana nangetshe, wamshaya umFilisti, wambulala, kodwa kwakungekho nkemba esandleni sikaDavide.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 1 USamuweli 17:45-50