1 uSamuweli 15:9-11
1 uSamuweli 15:9-11 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kepha uSawule nabantu bayeka u-Agagi nezinhle nezikhulupheleyo zezimvu nezezinkabi, namawundlu, nakho konke okuhle; babengavumi ukukuqeda lokho; kodwa zonke izinto ezidelekileyo nezondileyo baziqeda nya. Lase lifika izwi likaJehova kuSamuweli, lithi: “Ngiyazisola ukuthi ngibekile uSawule inkosi, ngokuba ubuyile ekungilandeleni, kafezanga amazwi ami.” USamuweli wathukuthela, wakhala kuJehova ubusuku bonke.
1 uSamuweli 15:9-11 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kodwa uSawule nabantu abambulalanga u-Agagi kanye nempahla yekhethelo; izimvu, izinkabi, amawundlu nakho konke okuhle. Konke okudelelekileyo nokondileyo bakubhubhisa. Lase lifika izwi likaSimakade kuSamuweli, lathi: “Ngiyazisola ukuthi ngimbekeleni uSawule waba yinkosi, ngokuba uyekile ukungilandela, akaze awafeza amazwi ami.” USamuweli wathukuthela, wakhala kuSimakade ubusuku bonke.
1 uSamuweli 15:9-11 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kepha uSawule nabantu bamyeka u-Agagi, nehle kunakho konke kwezimvu, nezinkomo, nokukhuluphalisiwe, namawundlu, nakho konke okuhle, abathandanga ukuwashaya ngesiqalekiso, kepha konke okubi nokubi nokubi. Ukugeza imfucuza, ababhubhisa ngokuphelele. Izwi likaJehova lafika kuSamuweli, lathi: Ngiyazisola ngokuthi ngibeke uSawule njengenkosi, ngokuba wachezuka kimi, akagcinanga imiyalo yami. Lokhu kwamphatha kabi uSamuweli; wakhuleka kuJehova ubusuku bonke.