1 USamuweli 15

15
USawule Unqoba U-Amaleki
1 USamuweli wathi kuSawule: “USimakade wangithuma ukuba ngikugcobe ube yinkosi, ubuse abantu bakhe u-Israyeli. Ngakho-ke ake ulalele amazwi kaSimakade. 2 Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: ‘Ngiyakuwajezisa ama-Amaleki ngalokho akwenza ku-Israyeli, amelana naye ngesikhathi esendleleni ephuma eGibhithe. 3 Manje hamba, unqobe u-Amaleki, ushaye icole kukho konke okungokwakhe, ungamhawukeli, kodwa uqothe imbokodo nesisekelo kwabesilisa, abesifazane, izingane, nabantwana abasancela, izinkabi, izimvu, amakameli nezimbongolo.’ ”
4 USawule wabiza abantu wababuthela eThelayimi; babeyizi-200 000 zemigundatshani nezi-10 000 zabantu bakwaJuda. 5USawule wafika emzini wama-Amaleki, wawacuthela esigodini. 6 USawule wathi kumaKheni: “Hambani, phumani, nisuke phakathi kwama-Amaleki, funa nginibhubhise nawo. Nina nabaphatha kahle abakwa-Israyeli ekukhuphukeni kwabo eGibhithe.”
AmaKheni aphuma phakathi kwama-Amaleki.
7 USawule wawanqoba ama-Amaleki kusukela eHavila kuya ngaseShuri elingaphambi kweGibhithe. 8 Wambamba ephila u-Agagi inkosi yama-Amaleki, waqotha ngenkemba imbokodo nesisekelo. 9 Kodwa uSawule nabantu abambulalanga u-Agagi kanye nempahla yekhethelo; izimvu, izinkabi, amawundlu nakho konke okuhle. Konke okudelelekileyo nokondileyo bakubhubhisa.
Ukungalaleli Nokulahlwa KukaSawule
10Lase lifika izwi likaSimakade kuSamuweli, lathi: 11 “Ngiyazisola ukuthi ngimbekeleni uSawule waba yinkosi, ngokuba uyekile ukungilandela, akaze awafeza amazwi ami.”
USamuweli wathukuthela, wakhala kuSimakade ubusuku bonke.
12 USamuweli wavuka ekuseni wayohlangabeza uSawule. USamuweli wabikelwa ukuthi: “USawule ufike eKharmeli, wazimisela insika, wasuka wedlula wehlela eGiligali.”
13 USamuweli wafika kuSawule. USawule wathi kuye: “Mawubusiswe nguSimakade; ngilifezile izwi likaSimakade.”
14 USamuweli wayesethi: “Pho kuchazani lokhu kukhala kwezimvu ezindlebeni zami, nokukhala kwezinkomo engikuzwayo na?”
15 USawule wathi: “Babuye nazo kuma-Amaleki, abantu baziyekile izimvu nezinkomo ezinhle ukuze bakuhlabele uSimakade uNkulunkulu wakho; ezinye siziqede nya.”
16USamuweli wayesethi kuSawule: “Lalela ngikutshele lokhu uSimakade angitshele khona kulobu busuku.”
Wathi kuye: “Khuluma.”
17 USamuweli wathi: “Nakuba wawuzibona ungomncane, kodwa awenziwanga yini waba yinhloko yezizwana zakwa-Israyeli na? USimakade wakugcoba waba yinkosi phezu kuka-Israyeli. 18 USimakade wakuthuma wakuyala, wathi: ‘Hamba uyobhubhisa izoni, ama-Amaleki, ulwe nawo uze uwaqede nya.’ 19 Awulalelanga ngani izwi likaSimakade? Kungani uphuthume wathatha impango, wenza okubi emehlweni kaSimakade na?”
20 USawule wathi kuSamuweli: “Ngililalele izwi likaSimakade, ngiluthathile uhambo abengithume lona uSimakade. Ngilethe u-Agagi, inkosi yama-Ameleki, ngawabhubhisa wonke ama-Amaleki. 21 Kepha abantu bathatha empangweni izimvu, nezinkomo, okuhle kokuqalekisiweyo, khona bezohlabela uSimakade uNkulunkulu wabo eGiligali.”
22 USamuweli wathi:
“USimakade uyayenamela yini
iminikelo yokushiswa nemihlatshelo,
njengalokhu enamele
ukulalelwa kwezwi likaSimakade na?
Bheka, ukulalela kuhle kunomhlatshelo,
nokuqaphela kuhle kunamanoni ezinqama.
23 Ngokuba ukwambuka kunjengesono sokubhula,
nenkani ifana nobubi nokukhonza izithombe.
Ngokuba ulilahlile izwi likaSimakade,
naye ukulahlile,
awusezukuba yinkosi.”
24 USawule wayesethi kuSamuweli: “Ngonile, ngeqa umthetho kaSimakade namazwi akho, ngesaba abantu, ngalalela izwi labo. 25 Ngakho-ke ake uthethelele isono sami, uhambe nami ukuba ngikhuleke kuSimakade.”
26 USamuweli wathi kuSawule: “Angiyukuhamba nawe, ngokuba uledelele izwi likaSimakade, noSimakade ukulahlile, awuseyukuba yinkosi ebusa u-Israyeli.”
27 Kwathi lapho uSamuweli ephenduka ukuze ahambe, uSawule wabamba umphetho wengubo yakhe, yaklebhuka. 28 USamuweli wathi kuye: “USimakade uwuklebhulile umbuso ka-Israyeli kuwe namuhla, wawunika umakhelwane wakho ongcono kunawe. 29 Ngaphezu kwalokho oyiNkazimulo ka-Israyeli akawaqambi amanga, ngokuba akasiye umuntu ukuba azisole.”
30 Wayesethi uSawule: “Impela ngonile, kodwa ake ungituse manje phambi kwamalunga abantu bami naphambi kuka-Israyeli, ubuye nami ukuba ngikhuleke kuSimakade uNkulunkulu wakho.”
31USamuweli wabuyela emuva, walandela uSawule; uSawule wakhuleka kuSimakade.
USamuweli Uhlahlela U-Agagi
32USamuweli wayesethi: “Mletheni kimi u-Agagi, inkosi yama-Amaleki.”
U-Agagi wafika kuye eboshiwe.
U-Agagi wathi: “Impela umunyu wokufa usudlulile.”
33 USamuweli wathi: “Njengalokhu inkemba yakho ibaphucile abesifazane abantwana, kanjalo unyoko uyakwaphucwa abantwana njengabanye.”
USamuweli wayesemhlahlela u-Agagi phambi kukaSimakade, eGiligali.
34 USamuweli waya eRama, kepha uSawule wakhuphukela emzini wakhe eGibheya likaSawule. 35 USamuweli akaphindanga wambona uSawule waze wafa. Kepha uSamuweli wamkhalela uSawule; uSimakade wazisola ukuthi wayembekile uSawule waba yinkosi, wabusa u-Israyeli.

Okuqokiwe okwamanje:

1 USamuweli 15: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo