1 uSamuweli 15:1-23

1 uSamuweli 15:1-23 IsiZulu 2020 (ZUL20)

USamuweli wathi kuSawule: “USimakade wangithuma ukuba ngikugcobe ube yinkosi, ubuse abantu bakhe u-Israyeli. Ngakho-ke ake ulalele amazwi kaSimakade. Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: ‘Ngiyakuwajezisa ama-Amaleki ngalokho akwenza ku-Israyeli, amelana naye ngesikhathi esendleleni ephuma eGibhithe. Manje hamba, unqobe u-Amaleki, ushaye icole kukho konke okungokwakhe, ungamhawukeli, kodwa uqothe imbokodo nesisekelo kwabesilisa, abesifazane, izingane, nabantwana abasancela, izinkabi, izimvu, amakameli nezimbongolo.’ ” USawule wabiza abantu wababuthela eThelayimi; babeyizi-200 000 zemigundatshani nezi-10 000 zabantu bakwaJuda. USawule wafika emzini wama-Amaleki, wawacuthela esigodini. USawule wathi kumaKheni: “Hambani, phumani, nisuke phakathi kwama-Amaleki, funa nginibhubhise nawo. Nina nabaphatha kahle abakwa-Israyeli ekukhuphukeni kwabo eGibhithe.” AmaKheni aphuma phakathi kwama-Amaleki. USawule wawanqoba ama-Amaleki kusukela eHavila kuya ngaseShuri elingaphambi kweGibhithe. Wambamba ephila u-Agagi inkosi yama-Amaleki, waqotha ngenkemba imbokodo nesisekelo. Kodwa uSawule nabantu abambulalanga u-Agagi kanye nempahla yekhethelo; izimvu, izinkabi, amawundlu nakho konke okuhle. Konke okudelelekileyo nokondileyo bakubhubhisa. Lase lifika izwi likaSimakade kuSamuweli, lathi: “Ngiyazisola ukuthi ngimbekeleni uSawule waba yinkosi, ngokuba uyekile ukungilandela, akaze awafeza amazwi ami.” USamuweli wathukuthela, wakhala kuSimakade ubusuku bonke. USamuweli wavuka ekuseni wayohlangabeza uSawule. USamuweli wabikelwa ukuthi: “USawule ufike eKharmeli, wazimisela insika, wasuka wedlula wehlela eGiligali.” USamuweli wafika kuSawule. USawule wathi kuye: “Mawubusiswe nguSimakade; ngilifezile izwi likaSimakade.” USamuweli wayesethi: “Pho kuchazani lokhu kukhala kwezimvu ezindlebeni zami, nokukhala kwezinkomo engikuzwayo na?” USawule wathi: “Babuye nazo kuma-Amaleki, abantu baziyekile izimvu nezinkomo ezinhle ukuze bakuhlabele uSimakade uNkulunkulu wakho; ezinye siziqede nya.” USamuweli wayesethi kuSawule: “Lalela ngikutshele lokhu uSimakade angitshele khona kulobu busuku.” Wathi kuye: “Khuluma.” USamuweli wathi: “Nakuba wawuzibona ungomncane, kodwa awenziwanga yini waba yinhloko yezizwana zakwa-Israyeli na? USimakade wakugcoba waba yinkosi phezu kuka-Israyeli. USimakade wakuthuma wakuyala, wathi: ‘Hamba uyobhubhisa izoni, ama-Amaleki, ulwe nawo uze uwaqede nya.’ Awulalelanga ngani izwi likaSimakade? Kungani uphuthume wathatha impango, wenza okubi emehlweni kaSimakade na?” USawule wathi kuSamuweli: “Ngililalele izwi likaSimakade, ngiluthathile uhambo abengithume lona uSimakade. Ngilethe u-Agagi, inkosi yama-Ameleki, ngawabhubhisa wonke ama-Amaleki. Kepha abantu bathatha empangweni izimvu, nezinkomo, okuhle kokuqalekisiweyo, khona bezohlabela uSimakade uNkulunkulu wabo eGiligali.” USamuweli wathi: “USimakade uyayenamela yini iminikelo yokushiswa nemihlatshelo, njengalokhu enamele ukulalelwa kwezwi likaSimakade na? Bheka, ukulalela kuhle kunomhlatshelo, nokuqaphela kuhle kunamanoni ezinqama. Ngokuba ukwambuka kunjengesono sokubhula, nenkani ifana nobubi nokukhonza izithombe. Ngokuba ulilahlile izwi likaSimakade, naye ukulahlile, awusezukuba yinkosi.”

1 uSamuweli 15:1-23 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

USamuweli wathi kuSawule: “UJehova wangithuma ukuba ngikugcobe ube yinkosi phezu kwabantu bakhe u-Israyeli; ngalokho lalela amazwi kaJehova. Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Ngiyakuhambela umAmaleki ngalokho akwenzayo ku-Israyeli wamelana naye endleleni ekukhuphukeni kwakhe eGibithe. Hamba manje, unqobe u-Amaleki, uchithe impela konke anakho, ungamhawukeli, kepha bulala abesilisa, nabesifazane, nezingane, nabancelayo, nezinkabi, nezimvu, namakamela, nezimbongolo.’ ” USawule wayesebiza abantu, wababala eThelayimi, izinkulungwane ezingamakhulu amabili zemigundatshani nezinkulungwane eziyishumi zabantu bakwaJuda. USawule wafika emzini ka-Amaleki, waqamekela esigodini. USawule wathi kumaKheni: “Hambani nimuke, nehle kuwo ama-Amaleki, funa nginichithe kanye nawo, ngokuba nabenzela umusa bonke abantwana bakwa-Israyeli ekukhuphukeni kwabo eGibithe.” Ayesesuka amaKheni phakathi kwama-Amaleki. USawule wahlula ama-Amaleki kusukela eHavila kuya ngaseShuri elingaphambi kwaseGibithe. Wabamba u-Agagi inkosi yama-Amaleki esaphilile, wachitha impela bonke abantu ngosiko lwenkemba. Kepha uSawule nabantu bayeka u-Agagi nezinhle nezikhulupheleyo zezimvu nezezinkabi, namawundlu, nakho konke okuhle; babengavumi ukukuqeda lokho; kodwa zonke izinto ezidelekileyo nezondileyo baziqeda nya. Lase lifika izwi likaJehova kuSamuweli, lithi: “Ngiyazisola ukuthi ngibekile uSawule inkosi, ngokuba ubuyile ekungilandeleni, kafezanga amazwi ami.” USamuweli wathukuthela, wakhala kuJehova ubusuku bonke. USamuweli wavuka kusasa ukuba amhlangabeze uSawule ekuseni; kwabikwa kuSamuweli ukuthi: “USawule wafika eKarmeli; bheka, wazimisela insika, wasuka, wadlula, wehla waya eGiligali.” USamuweli wafika kuSawule; uSawule wathi kuye: “Mawubusiswe nguJehova; sengifezile izwi likaJehova.” USamuweli wayesethi: “Kuthini, pho, lokhu kukhala kwezimvu ezindlebeni zami, nokukhala kwezinkabi engikuzwayo, na?” USawule wathi: “Babuye nazo kuma-Amaleki, ngokuba abantu bayeka ezinhle zezimvu nezezinkabi ukuba bahlabele uJehova uNkulunkulu wakho; ezinye siziqedile nya.” USamuweli wayesethi kuSawule: “Kahle, ngikutshele lokho uJehova akukhulumile kimi kulobu busuku.” Wathi kuye: “Khuluma.” Wathi uSamuweli: “Nakuba wawumncane emehlweni akho, awenziwanga yini waba yinhloko yezizwe zakwa-Israyeli na? UJehova wakugcoba, waba yinkosi phezu kuka-Israyeli. UJehova wakuthuma indlela, wathi: ‘Hamba uqede nya izoni, ama-Amaleki, ulwe nawo aze aphele.’ Awulalelanga ngani izwi likaJehova, kepha watheleka phakathi kwempango, wenza okubi emehlweni kaJehova, na?” USawule wathi kuSamuweli: “Ngililalele izwi likaJehova, ngihambile indlela uJehova owangithuma yona, ngimlethile u-Agagi inkosi yama-Amaleki, ngachitha impela ama-Amaleki. Kepha abantu bathatha kuyo impango, izimvu nezinkabi, okuhle kokuqalekisiweyo, ukuba bahlabele uJehova uNkulunkulu wakho eGiligali.” USamuweli wathi: “UJehova uyenamela yini iminikelo yokushiswa nemihlatshelo, njengalokhu enamele ukulalelwa kwezwi likaJehova, na? Bheka, ukulalela kuhle kunomhlatshelo, nokuqaphela kuhle kunamanoni ezinqama. Ngokuba ukwambuka kunjengesono sokubhula, nenkani ifana nokukhonza izithombe namatherafi.* Ngokuba ulilahlile izwi likaJehova, naye ukulahlile wena ukuba ungabe usaba yinkosi.”

1 uSamuweli 15:1-23 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

USamuweli wathi kuSawule: “UJehova ungithumile ukuba ngikugcobe ube yinkosi phezu kwabantu bakhe u-Israyeli; manje lalela izwi lamazwi kaJehova. Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Ngikhumbula lokho u-Amaleki akwenza ku-Israyeli, ukuthi wamlinda endleleni ekukhuphukeni kwakhe eGibithe. Manje hamba ushaye u-Amaleki, uchithe konke anakho, ungawayekeli; kodwa nihlabe iduna nensikazi, nezinsana, nezinsana, nezinkabi, nezimvu, namakamela, nezimbongolo. USawule wabiza abantu, wababala eThelayimi, izinkulungwane ezingamakhulu amabili zemigundatshani nezinkulungwane eziyishumi zakwaJuda. USawule wafika emzini ka-Amaleki, walala phansi esigodini. USawuli wasesithi kumaKheni: Hambani lisuke, lehlele phakathi kwamaAmaleki, ukuze ngingalibhubhi kanye lawo; ngoba wabonisa umusa kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli ekukhuphukeni kwabo bephuma eGibhithe. Ngakho amaKheni asuka phakathi kwama-Amaleki. USawule wawachitha ama-Amaleki kusukela eHavila kuze kufike eShuri elingaphambi kwaseGibhithe. Wabamba u-Agagi inkosi yama-Amaleki ephila, wababulala bonke abantu ngosiko lwenkemba ngesiqalekiso. Kepha uSawule nabantu bamyeka u-Agagi, nehle kunakho konke kwezimvu, nezinkomo, nokukhuluphalisiwe, namawundlu, nakho konke okuhle, abathandanga ukuwashaya ngesiqalekiso, kepha konke okubi nokubi nokubi. Ukugeza imfucuza, ababhubhisa ngokuphelele. Izwi likaJehova lafika kuSamuweli, lathi: Ngiyazisola ngokuthi ngibeke uSawule njengenkosi, ngokuba wachezuka kimi, akagcinanga imiyalo yami. Lokhu kwamphatha kabi uSamuweli; wakhuleka kuJehova ubusuku bonke. USamuweli wavuka ekuseni ukuhlangabeza uSawule ekuseni, watshelwa uSamuweli ukuthi: “USawule wafika eKarmeli, bheka, wamlungisela indawo; Lapho uSamuweli efika kuSawule, uSawule wathi kuye: “Mawubusiswe wena nguJehova! Ngenza umyalo kaJehova. Wayesethi uSamuweli: “Kuyini lokhu kukhala kwezimvu ezindlebeni zami nokuhleka kwezinkomo engikuzwayo na? USawule wayesethi: “Bazikhipha kuma-Amaleki, ngokuba abantu basindise izimvu ezinhle kakhulu nezinkomo ukuze bahlabele uJehova uNkulunkulu wakho; futhi okusele sikushaya ngesiqalekiso sokuxoshwa. USamuweli wasesithi kuSawuli: Hlala, mina-ke ngizakutshela lokho i Nkosi ekutsho kimi ngalobubusuku. Wathi kuye: “Khuluma nje.” Wayesethi uSamuweli: “Umncane emehlweni akho, awubekwanga waba yinhloko yezizwe zakwa-Israyeli, uJehova wakugcoba ukuba ube yinkosi kwa-Israyeli na? UJehova wakuthuma endleleni, wathi: ‘Hamba ulethe izoni, ama-Amaleki, ngesiqalekiso, ulwe nawo aze aphele. Pho, kungani ungalilalelanga izwi likaJehova, kodwa waphaphatheka empangweni, wenza okubi emehlweni kaJehova? USawuli wasesithi kuSamuweli: Yebo, ngalilalela ilizwi le Nkosi, ngahamba ngendlela iNkosi eyayingithume ngayo, ngamletha u-Agagi inkosi yamaAmaleki, ngatshaya amaAmaleki ngesiqalekiso. Kepha abantu bathatha empangweni yezimvu nezinkomo, okubaluleke kakhulu ezintweni eziqalekisiweyo, ukuze bahlabele uJehova uNkulunkulu wakho eGiligali. USamuweli wasesithi: I Nkosi iyayithokozela yini iminikelo yokutshiswa lemihlatshelo ukwedlula ukulalela ilizwi le Nkosi? Bheka, ukulalela kungcono kunomhlatshelo, nokulalela kungcono kunamanoni ezinqama. Ngokuba ukuhlubuka kufana nesono sokuthakatha, nenkani ingububi nokukhonza izithombe. Ngokuba ulilahlile izwi likaJehova, naye ukulahlile wena ukuba ungabi yinkosi.