1 kaPetru 2:4-7
1 kaPetru 2:4-7 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Okuza kuye njengetshe eliphilayo, elaliwayo ngempela ngabantu, kodwa elikhethiweyo nguNkulunkulu, eliyigugu; Nani njengamatshe aphilayo nakhiwe nibe yindlu yomoya, ubupristi obungcwele, ukuze ninikele imihlatshelo yomoya eyamukelekayo kuNkulunkulu ngoJesu Kristu. Ngakho-ke kukhona embhalweni ukuthi: Bheka, ngibeka eSiyoni itshe legumbi elikhethiweyo, eliyigugu; okholwa yiyo akayikujabhiswa. Ngakho kini enikholwayo uligugu, kepha kwabangalaleli itshe abakhi abalalayo, yilo laba yinhloko yegumbi
1 kaPetru 2:4-7 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Sondelani kuyo, iyitshe eliphilileyo, elinqatshwe ngabantu, kepha kuNkulunkulu likhethekile, liyigugu. Nani njengamatshe aphilileyo, nakhiwe nibe yindlu yokomoya, ubuphristi obungcwele, ukuze ninikele ngemihlatshelo yokomoya eyamukelekayo kuNkulunkulu, ngaye uJesu Khristu. Ngokuba umbhalo, uthi: “Ngibeka eZiyoni itshe legumbi elikhethekileyo, eliyigugu. Okholwa kuye akasoze ajabhiswa.” Ngakho-ke kini enikholwayo liyigugu, kodwa kwabangakholwayo; itshe abalinqabayo abakhi, yilo elaba yinhloko yegumbi
1 kaPetru 2:4-7 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Sondelani kuyo, iyitshe eliphilileyo, elinqatshwe ngabantu, kepha kuNkulunkulu likhethekile, liyigugu, nakhiwe njengamatshe aphilileyo, nibe yindlu yokomoya, ubupristi obungcwele, ninikele ngemihlatshelo yokomoya eyamukelekayo kuNkulunkulu ngaye uJesu Kristu. Ngokuba kukhona embhalweni ukuthi: “Bhekani, ngibeka eSiyoni itshe legumbi elikhethekile, liyigugu; okholwa yilo akasoze ajabhiswa.” Ngakho kini enikholwayo liyigugu; kepha kwabangakholwayo itshe abalinqabayo abakhi yilona elaba yinhloko yegumbi
1 kaPetru 2:4-7 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)