Sondelani kuyo, iyitshe eliphilileyo, elinqatshwe ngabantu, kepha kuNkulunkulu likhethekile, liyigugu. Nani njengamatshe aphilileyo, nakhiwe nibe yindlu yokomoya, ubuphristi obungcwele, ukuze ninikele ngemihlatshelo yokomoya eyamukelekayo kuNkulunkulu, ngaye uJesu Khristu. Ngokuba umbhalo, uthi: “Ngibeka eZiyoni itshe legumbi elikhethekileyo, eliyigugu. Okholwa kuye akasoze ajabhiswa.” Ngakho-ke kini enikholwayo liyigugu, kodwa kwabangakholwayo; itshe abalinqabayo abakhi, yilo elaba yinhloko yegumbi
Funda 1 KaPhethro 2
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 1 KaPhethro 2:4-7
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo