1 AmaKhosi 16:1-34

1 AmaKhosi 16:1-34 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Izwi likaSimakade lafika kuJehu, indodana kaHanani, limelene noBhahasha, lathi: “Njengoba ngakuphakamisa othulini, ngakwenza umbusi wabantu bami u-Israyeli, kepha uhambe endleleni kaJerobhowamu, wenza abantu bami u-Israyeli ukuba bone, bangichukuluze, bavuse ulaka lwami ngenxa yezono zabo; ngizakumkhukhula uBhahasha nabendlu yakhe, indlu yakhe ngizoyenza ifane nendlu kaJerobhowamu, indodana kaNebhathi. Noma ngubani ofayo emzini wendlu kaBhahasha, uyodliwa yizinja, nalowo ongowendlu yakhe oyofela endle, uyodliwa yizinyoni zezulu.” Ezinye izindaba zikaBhahasha, nakwenzayo, nempumelelo yakhe, akulotshiwe yini encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na? UBhahasha walaliswa kokhokho bakhe, wembelwa eThiriza; u-Ela, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe. Izwi likaSimakade lafika ngoJehu, indodana kaHanani umphrofethi, mayelana noBhahasha nendlu yakhe, ngenxa yabo bonke ububi ayebenze phambi kukaSimakade ukuthi wamcunula ngomsebenzi wezandla zakhe, waba njengendlu kaJerobhowamu ayiqothula. Ngonyaka wama-26 wokubusa kuka-Asa, inkosi yakwaJuda, u-Ela, indodana kaBhahasha, waba yinkosi kwa-Israyeli eThiriza; wabusa iminyaka emibili. UZimri, umkhuzi wengxenye yempi yezinqola zakhe, wamenzela ugobe. Ngesikhathi eseThiriza ezigcingca ngotshwala endlini ka-Ariza, owayengamele isigodlo sakhona, ngonyaka wama-27 wokubusa kuka-Asa, inkosi yakwaJuda, uZimri wafika, wamthela phansi ngenkemba, wambulala, kwaba nguye inkosi esikhundleni sakhe. Kwathi nje ukuba abe yinkosi, lapho ethatha isihlalo sobukhosi, wabulala bonke abendlu kaBhahasha. Akazange ashiye namunye owesilisa womndeni wakhe, noma isihlobo sakhe, noma umngani wakhe. UZimri wayishaya wayibhuqa yonke indlu kaBhahasha njengokwezwi uSimakade ayelikhulume kuBhahasha ngomlomo kaJehu umphrofethi, ngenxa yezono zonke zikaBhahasha nezendodana yakhe, u-Ela, ababezenza abonisa ngazo u-Israyeli, bachukuluza uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli ngezithombe zabo ezibaziweyo. Ezinye izindaba zika-Ela, nakho konke akwenzayo, akulotshiwe yini encwadini yezindaba zemihla ngemihla zamakhosi akwa-Israyeli na? Ngonyaka wama-27 wokubusa kuka-Asa, inkosi yakwaJuda, uZimri wabusa izinsuku eziyisikhombisa eThiriza, abantu bakanisa ngaseGibhethoni lamaFilisti. Abantu ababekanise lapho bezwa kuthiwa: “UZimri wakhe itulo, wabulala inkosi,” ngakho-ke wonke u-Israyeli wabeka u-Omri, umkhuzi wempi, ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli ngalolo lusuku, enkanjini. U-Omri nawo wonke u-Israyeli bakhuphuka eGibhethoni, balivimbezela iThiriza. Kwathi ukuba uZimri abone ukuthi umuzi usudliwe, wayesengena enqabeni yesigodlo senkosi, wasithungela ngomlilo isigodlo senkosi engaphakathi, wafela lapho, ngenxa yezono zakhe ayone ngazo ngokwenza okubi phambi kukaSimakade, nangokuhamba endleleni kaJerobhowamu nasesonweni sakhe ayesenzile sokonisa u-Israyeli. Ezinye izindaba zikaZimri nogobe alwenzayo, akulotshiwe yini encwadini yezindaba zemihla ngemihla zamakhosi akwa-Israyeli na? Abantu bakwa-Israyeli baqembukelana, baba yizingxenye ezimbili. Enye ingxenye yabantu yalandela uThibhini, indodana kaGinathi, ukuze bambeke abe yinkosi. Enye ingxenye yalandela u-Omri. Kepha abantu ababelandela u-Omri babehlula abakaThibhini, indodana kaGinathi; uThibhini wafa, u-Omri wayeseba yinkosi. Ngonyaka wama-31 wokubusa kwenkosi u-Asa kwaJuda, u-Omri waba yinkosi phezu kuka-Israyeli; wabusa iminyaka eli-12, eyisithupha wayibusa eseThiriza. Wathenga intaba iSamariya kuShemere, ngamathalenta amabili esiliva. Wakha entabeni, waqamba igama lomuzi wakhe ayewakhile ngokuthi yiSamariya. Kepha u-Omri wenza okubi phambi kukaSimakade, wenza okubi ukwedlula bonke ababephambi kwakhe. Wahamba ezindleleni zonke zikaJerobhowamu, indodana kaNebhathi, nasezonweni zakhe onisa ngazo u-Israyeli, bachukuluza uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli ngezithombe zabo. Ezinye izindaba zika-Omri azenzayo namandla awabonakalisayo, akulotshiwe yini encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na? U-Omri walaliswa kokhokho bakhe, wambelwa eSamariya; u-Ahabi, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe. U-Ahabi, indodana ka-Omri, waqala ukubusa kwa-Israyeli ngonyaka wama-38 wokubusa kuka-Asa, inkosi yakwaJuda. U-Ahabi, indodana ka-Omri wabusa phezu kuka-Israyeli iminyaka engama-22. U-Ahabi, indodana ka-Omri, naye wenza okubi phambi kukaSimakade ukwedlula bonke abamendulelayo. Kwathi uma ebona kulula kuye ukulandela izono ezazenziwa nguJerobhowamu, indodana kaNebhathi, wathatha uJezebheli, indodakazi ka-Ethibhali, inkosi yaseSidoni, waba ngumkakhe. Wahamba wayokhonza uBhali, wakhuleka kuye. Wamisela uBhali i-althare endlini kaBhali ayeyakhe eSamariya. U-Ahabi wenza u-Ashera, wenezela ekoneni kwakhe, wamcunula uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli ukuwedlula wonke amakhosi akwa-Israyeli abusa ngaphambi kwakhe. Ezinsukwini zakhe, uHiyeli waseBhethele wabuye walakha kabusha iJerikho. Wabeka isisekelo salo ngokulahlekelwa ngu-Abhiramu, izibulo lakhe, amasango alo wawamisa ngokulahlekelwa nguthunjana wakhe, uSegubhi, njengalokhu uSimakade ayekhulumile ngomlomo kaJoshuwa, indodana kaNuni.

1 AmaKhosi 16:1-34 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Izwi likaJehova lafika kuJehu indodana kaHanani ngoBahasha, lathi: “Njengokuba ngakuphakamisa othulini, ngakubeka umbusi wabantu bami u-Israyeli, kepha uhambe endleleni kaJerobowamu, wonisa abantu bami u-Israyeli ukuba bangicunule ngezono zabo, bheka, ngiyakukhukhula nokukhukhula uBahasha nendlu yakhe, ngenze indlu yakho ibe njengendlu kaJerobowamu indodana kaNebati. Yena wakwaBahasha ofela emzini uyakudliwa yizinja, nalowo wakwakhe ofela endle uyakudliwa yizinyoni zezulu.” Ezinye izindaba zikaBahasha, nakwenzayo, namandla akhe, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na? UBahasha wayeselala koyise, wembelwa eTirisa; u-Ela indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe. Kwafika ngesandla somprofethi uJehu indodana kaHanani izwi likaJehova ngoBahasha nendlu yakhe ngenxa yakho konke okubi akwenza emehlweni kaJehova ukuthi wamcunula ngomsebenzi wezandla zakhe, waba njengendlu kaJerobowamu, nangenxa yokuba wayiqothula. Ngomnyaka wamashumi amabili nesithupha ka-Asa, inkosi yakwaJuda, u-Ela, indodana kaBahasha, waqala ukubusa phezu kuka-Israyeli eTirisa, wabusa iminyaka emibili. Inceku yakhe uZimri, induna yenxenye yezinqola zakhe, yamenzela ugobe; eseTirisa ephuzile waze wadakwa endlini ka-Arisa owayephezu kwabendlu yaseTirisa, uZimri wangena, wamshaya, wambulala ngomnyaka wamashumi amabili nesikhombisa ka-Asa inkosi yakwaJuda, waba yinkosi esikhundleni sakhe. Kwathi esaqala nje ukubusa, esehlezi esihlalweni sakhe sobukhosi, wabulala yonke indlu kaBahasha, kamshiyelanga nomntwana oyedwa owesilisa kwabazalana naye nakubo abangane bakhe. UZimri waqeda kanjalo yonke indlu kaBahasha, njengezwi likaJehova alikhuluma ngoBahasha ngesandla sikaJehu umprofethi, ngenxa yezono zonke zikaBahasha nezono zika-Ela indodana yakhe one ngazo, futhi onise ngazo u-Israyeli, baze bacunula uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ngezithombe zabo. Ezinye izindaba zika-Ela nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na? Ngomnyaka wamashumi amabili nesikhombisa ka-Asa inkosi yakwaJuda, uZimri waba yinkosi izinsuku eziyisikhombisa eTirisa. Abantu base bemisile ngaseGibethoni elalingelamaFilisti. Abantu ababemisile bezwa kuthiwa: “UZimri wenzile ugobe, ubulele nenkosi;” ngalokho wonke u-Israyeli wambeka u-Omri induna yempi abe yinkosi phezu kuka-Israyeli ngalolo suku ekamu.* U-Omri wenyuka eGibethoni wonke u-Israyeli enaye, bavimbezela iTirisa. Kwathi uZimri esebonile ukuthi umuzi uthathiwe, wangena enqabeni yendlu yenkosi, wayishisa indlu yenkosi phezu kwakhe ngomlilo, wafa ngenxa yezono zakhe one ngazo ngokwenza okubi emehlweni kaJehova, ngokuhamba endleleni kaJerobowamu nasesonweni sakhe asenzayo ukuba onise u-Israyeli. Ezinye izindaba zikaZimri nogobe alwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na? Khona abantu bakwa-Israyeli bahlukana kabili; inxenye yabantu yalandela uThibini, indodana kaGinati, ukuba bambeke inkosi, inxenye yalandela u-Omri. Kepha abantu ababemlandela u-Omri bahlula abantu ababemlandela uThibini indodana kaGinati; wayesefa uThibini, u-Omri waba yinkosi. Ngomnyaka wamashumi amathathu nanye ka-Asa inkosi yakwaJuda u-Omri waba yinkosi phezu kuka-Israyeli, wabusa iminyaka eyishumi nambili; wabusa iminyaka eyisithupha eTirisa. Wathenga intaba yaseSamariya kuShemere ngamatalenta* amabili esiliva, wakha entabeni, waqamba igama lomuzi awakhileyo ngegama likaShemere umninintaba ngokuthi iSamariya. Kepha u-Omri wenza okubi emehlweni kaJehova, wenza kabi kunabo bonke ababe ngaphambi kwakhe. Ngokuba wahamba ezindleleni zonke zikaJerobowamu, indodana kaNebati, nasezonweni zakhe onisa ngazo u-Israyeli, baze bacunula uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ngezithombe zabo. Ezinye izindaba zika-Omri azenzayo namandla awabonakalisayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na? U-Omri wayeselala koyise, wembelwa eSamariya; u-Ahabi, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe. U-Ahabi, indodana ka-Omri, waqala ukubusa phezu kuka-Israyeli ngomnyaka wamashumi amathathu nesishiyagalombili ka-Asa; u-Ahabi, indodana ka-Omri, wabusa phezu kuka-Israyeli eSamariya iminyaka engamashumi amabili nambili. Kepha u-Ahabi, indodana ka-Omri, wenza okubi emehlweni kaJehova kunabo bonke ababe ngaphambi kwakhe. Kwathi lapho kuyinto elula kuye ukuhamba ezonweni zikaJerobowamu, indodana kaNebati, wathatha u-Izebeli, indodakazi ka-Etibali inkosi yamaSidoni, abe ngumkakhe, waya wakhonza uBali, wakhuleka kuye. Wammisela uBali i-altare endlini kaBali abeyakhile eSamariya. U-Ahabi wamenza u-Ashera;* u-Ahabi wenezela waze wacunula uJehova, uNkulunkulu ka-Israyeli, kunawo onke amakhosi akwa-Israyeli ayengaphambi kwakhe. Ezinsukwini zakhe uHiyeli waseBethele wabuye wakha iJeriko; wabeka isisekelo salo ngokulahlekelwa ngu-Abiramu izibulo lakhe, wamisa amasango alo ngokulahlekelwa yithunjana lakhe uSegubi, njengezwi likaJehova owalikhuluma ngesandla sikaJoshuwa indodana kaNuni.

1 AmaKhosi 16:1-34 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Lase lifika izwi likaJehova kuJehu indodana kaHanani ngoBahasha, lathi: Ngokuba ngakuphakamisa othulini, ngakubeka umbusi phezu kwabantu bami u-Israyeli; wahamba ngendlela kaJerobowamu, wonisa abantu bami u-Israyeli, bangidlalise ngezono zabo; Bheka, ngiyakuthatha inzalo kaBahasha nendlu yakhe; ngizakwenza indlu yakho ibe njengendlu kaJerobowamu indodana kaNebati. Bonke abafela emzini kaBahesa bayakudliwa yizinja; nofela endle uyakudliwa yizinyoni zezulu. Ezinye izindaba zikaBahesha, nalokho akwenzayo, namandla akhe, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na? UBahasha wayeselala koyise, wembelwa eTirisa; u-Ela indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe. Futhi ngesandla somprofethi uJehu, indodana kaHanani, izwi likaJehova lafika ngokumelene noBhahasha nendlu yakhe, ngenxa yabo bonke ububi ayebenzile emehlweni kaJehova ngokumhlukumeza ngomsebenzi gcona ezandleni zakhe, ngokuba njengendlu kaJerobowamu; futhi ngoba wambulala. Ngomnyaka wamashumi amabili nesithupha ka-Asa inkosi yakwaJuda u-Ela indodana kaBahasha wabusa kwa-Israyeli eTirisa iminyaka emibili. Inceku yakhe uZimri, induna yenxenye yezinqola zakhe, yamenzela ugobe eseTirisa, edakwa endlini ka-Arisa, umphathi wendlu yakhe eTirisa. UZimri wangena, wamnqoba, wambulala, ngomnyaka wamashumi amabili nesikhombisa ka-Asa inkosi yakwaJuda, waba yinkosi esikhundleni sakhe. Lapho eqala ukubusa, lapho nje ehlezi esihlalweni sakhe sobukhosi, wabulala yonke indlu kaBhesha; akashiyanga muntu ochamela udonga, izihlobo zakhe noma abangane bakhe. UZimri wayichitha yonke indlu kaBahasha njengezwi likaJehova alikhuluma ngoBahasha ngenceku yomprofethi uJehu. Ngenxa yazo zonke izono zikaBhahasha nezono zendodana yakhe u-Ela abona ngazo futhi onisa ngazo u-Israyeli ngokuklolodela kukaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ngentukuthelo yabo eyize. Ezinye izindaba zika-Ela nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na? Ngomnyaka wamashumi amabili nesikhombisa ka-Asa inkosi yakwaJuda uZimri wabusa eTirisa izinsuku eziyisikhombisa. Amadoda akanisa eGibethoni elingelamaFilisti. Amadoda ayekanisile ezwa kuthiwa: UZimri wenze uzungu futhi wabulala inkosi; ngakho wonke u-Israyeli wambeka u-Omri, induna yempi, inkosi phezu kuka-Israyeli ngalolo suku ekamu. U-Omri wakhuphuka eGibethoni, no-Israyeli wonke kanye naye, bavimbezela iTirisa. Lapho uZimri ebona ukuthi umuzi uthathiwe, wangena esigodlweni sendlu yenkosi washisa indlu yenkosi ngomlilo phezu kwakhe wafa. Ngenxa yezono zakhe one ngazo ngokwenza okubi emehlweni kaJehova, ngokuhamba ngendlela kaJerobowamu nangesono sakhe one ngaso ukuba onisa ngaso u-Israyeli. Ezinye izindaba zikaZimri nokukhohlisa kwakhe awakwenzayo, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na? Abantu bakwa-Israyeli bahlukana kabili, inxenye yabantu yalandela uThibini indodana kaGinati ukumbeka inkosi; inxenye yalandela u-Omri. Kodwa abantu ababelandela u-Omri babahlula abantu ababelandela uThibini indodana kaGinati, wafa uThibini, u-Omri wabusa. Ngomnyaka wamashumi amathathu nanye ka-Asa, inkosi yakwaJuda, u-Omri waba yinkosi phezu kuka-Israyeli, iminyaka eyishumi nambili; iminyaka eyisithupha wabusa eTirisa. Wathenga intaba yaseSamariya kuShemeri ngamatalenta amabili esiliva, wakha entabeni, wabiza umuzi awakha iSamariya ngegama likaShemeri umninigquma. Kodwa u-Omri wenza okubi emehlweni kaJehova futhi wenza okubi kunabo bonke ababengaphambi kwakhe. Wahamba ngayo yonke indlela kaJerobowamu, indodana kaNebati, nasesonweni sakhe onisa ngaso u-Israyeli, ukucunula uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ngentukuthelo yabo eyize. Ezinye izindaba zika-Omri azenzayo, namandla akhe awazenzayo, angithi zilotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na? U-Omri wayeselala koyise, wembelwa eSamariya; u-Ahabi indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe. Ngomnyaka wamashumi amathathu nesishiyagalombili ka-Asa inkosi yakwaJuda, u-Ahabi, indodana ka-Omri, waba ngukumkani kwa-Israyeli; u-Ahabi, indodana ka-Omri, wabusa phezu kuka-Israyeli iminyaka engamashumi amabili nambili eSamariya. U-Ahabi, indodana ka-Omri, wenza okubi emehlweni kaJehova ngaphezu kwabo bonke ababengaphambi kwakhe. Kwathi, njengokungathi kuyinto elula kuye ukuhamba ezonweni zikaJerobowamu, indodana kaNebati, wathatha u-Izebeli indodakazi ka-Etibhali inkosi yamaSidoni ukuba abe ngumkakhe, wahamba wambulala. Wakhonza uBali, wakhuleka kuye. Wammisela uBali i-altare endlini kaBali ayakha eSamariya. U-Ahabi wenza ihlathi; u-Ahabi wenza okuningi ukucunula uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli kunawo wonke amakhosi akwa-Israyeli ayengaphambi kwakhe. Ezinsukwini zakhe uHiyeli waseBethele wakha iJeriko; wabeka isisekelo salo ngo-Abiramu, izibulo lakhe, wamisa amasango alo ngoSegubi indodana yakhe encane, njengezwi likaJehova alikhuluma enkonzweni kaJoshuwa, indodana kaNuni.