Izwi likaSimakade lafika kuJehu, indodana kaHanani, limelene noBhahasha, lathi: “Njengoba ngakuphakamisa othulini, ngakwenza umbusi wabantu bami u-Israyeli, kepha uhambe endleleni kaJerobhowamu, wenza abantu bami u-Israyeli ukuba bone, bangichukuluze, bavuse ulaka lwami ngenxa yezono zabo; ngizakumkhukhula uBhahasha nabendlu yakhe, indlu yakhe ngizoyenza ifane nendlu kaJerobhowamu, indodana kaNebhathi. Noma ngubani ofayo emzini wendlu kaBhahasha, uyodliwa yizinja, nalowo ongowendlu yakhe oyofela endle, uyodliwa yizinyoni zezulu.”
Ezinye izindaba zikaBhahasha, nakwenzayo, nempumelelo yakhe, akulotshiwe yini encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na? UBhahasha walaliswa kokhokho bakhe, wembelwa eThiriza; u-Ela, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.
Izwi likaSimakade lafika ngoJehu, indodana kaHanani umphrofethi, mayelana noBhahasha nendlu yakhe, ngenxa yabo bonke ububi ayebenze phambi kukaSimakade ukuthi wamcunula ngomsebenzi wezandla zakhe, waba njengendlu kaJerobhowamu ayiqothula.
Ngonyaka wama-26 wokubusa kuka-Asa, inkosi yakwaJuda, u-Ela, indodana kaBhahasha, waba yinkosi kwa-Israyeli eThiriza; wabusa iminyaka emibili.
UZimri, umkhuzi wengxenye yempi yezinqola zakhe, wamenzela ugobe. Ngesikhathi eseThiriza ezigcingca ngotshwala endlini ka-Ariza, owayengamele isigodlo sakhona, ngonyaka wama-27 wokubusa kuka-Asa, inkosi yakwaJuda, uZimri wafika, wamthela phansi ngenkemba, wambulala, kwaba nguye inkosi esikhundleni sakhe.
Kwathi nje ukuba abe yinkosi, lapho ethatha isihlalo sobukhosi, wabulala bonke abendlu kaBhahasha. Akazange ashiye namunye owesilisa womndeni wakhe, noma isihlobo sakhe, noma umngani wakhe. UZimri wayishaya wayibhuqa yonke indlu kaBhahasha njengokwezwi uSimakade ayelikhulume kuBhahasha ngomlomo kaJehu umphrofethi, ngenxa yezono zonke zikaBhahasha nezendodana yakhe, u-Ela, ababezenza abonisa ngazo u-Israyeli, bachukuluza uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli ngezithombe zabo ezibaziweyo.
Ezinye izindaba zika-Ela, nakho konke akwenzayo, akulotshiwe yini encwadini yezindaba zemihla ngemihla zamakhosi akwa-Israyeli na?
Ngonyaka wama-27 wokubusa kuka-Asa, inkosi yakwaJuda, uZimri wabusa izinsuku eziyisikhombisa eThiriza, abantu bakanisa ngaseGibhethoni lamaFilisti. Abantu ababekanise lapho bezwa kuthiwa: “UZimri wakhe itulo, wabulala inkosi,” ngakho-ke wonke u-Israyeli wabeka u-Omri, umkhuzi wempi, ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli ngalolo lusuku, enkanjini. U-Omri nawo wonke u-Israyeli bakhuphuka eGibhethoni, balivimbezela iThiriza. Kwathi ukuba uZimri abone ukuthi umuzi usudliwe, wayesengena enqabeni yesigodlo senkosi, wasithungela ngomlilo isigodlo senkosi engaphakathi, wafela lapho, ngenxa yezono zakhe ayone ngazo ngokwenza okubi phambi kukaSimakade, nangokuhamba endleleni kaJerobhowamu nasesonweni sakhe ayesenzile sokonisa u-Israyeli.
Ezinye izindaba zikaZimri nogobe alwenzayo, akulotshiwe yini encwadini yezindaba zemihla ngemihla zamakhosi akwa-Israyeli na?
Abantu bakwa-Israyeli baqembukelana, baba yizingxenye ezimbili. Enye ingxenye yabantu yalandela uThibhini, indodana kaGinathi, ukuze bambeke abe yinkosi. Enye ingxenye yalandela u-Omri. Kepha abantu ababelandela u-Omri babehlula abakaThibhini, indodana kaGinathi; uThibhini wafa, u-Omri wayeseba yinkosi. Ngonyaka wama-31 wokubusa kwenkosi u-Asa kwaJuda, u-Omri waba yinkosi phezu kuka-Israyeli; wabusa iminyaka eli-12, eyisithupha wayibusa eseThiriza. Wathenga intaba iSamariya kuShemere, ngamathalenta amabili esiliva. Wakha entabeni, waqamba igama lomuzi wakhe ayewakhile ngokuthi yiSamariya.
Kepha u-Omri wenza okubi phambi kukaSimakade, wenza okubi ukwedlula bonke ababephambi kwakhe. Wahamba ezindleleni zonke zikaJerobhowamu, indodana kaNebhathi, nasezonweni zakhe onisa ngazo u-Israyeli, bachukuluza uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli ngezithombe zabo.
Ezinye izindaba zika-Omri azenzayo namandla awabonakalisayo, akulotshiwe yini encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na? U-Omri walaliswa kokhokho bakhe, wambelwa eSamariya; u-Ahabi, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.
U-Ahabi, indodana ka-Omri, waqala ukubusa kwa-Israyeli ngonyaka wama-38 wokubusa kuka-Asa, inkosi yakwaJuda. U-Ahabi, indodana ka-Omri wabusa phezu kuka-Israyeli iminyaka engama-22. U-Ahabi, indodana ka-Omri, naye wenza okubi phambi kukaSimakade ukwedlula bonke abamendulelayo. Kwathi uma ebona kulula kuye ukulandela izono ezazenziwa nguJerobhowamu, indodana kaNebhathi, wathatha uJezebheli, indodakazi ka-Ethibhali, inkosi yaseSidoni, waba ngumkakhe. Wahamba wayokhonza uBhali, wakhuleka kuye. Wamisela uBhali i-althare endlini kaBhali ayeyakhe eSamariya. U-Ahabi wenza u-Ashera, wenezela ekoneni kwakhe, wamcunula uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli ukuwedlula wonke amakhosi akwa-Israyeli abusa ngaphambi kwakhe.
Ezinsukwini zakhe, uHiyeli waseBhethele wabuye walakha kabusha iJerikho. Wabeka isisekelo salo ngokulahlekelwa ngu-Abhiramu, izibulo lakhe, amasango alo wawamisa ngokulahlekelwa nguthunjana wakhe, uSegubhi, njengalokhu uSimakade ayekhulumile ngomlomo kaJoshuwa, indodana kaNuni.