1 kaJohane 4:7-9
1 kaJohane 4:7-9 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Bathandekayo, masithandane, ngokuba uthando luvela kuNkulunkulu; futhi wonke onothando uzelwe nguNkulunkulu, futhi uyamazi uNkulunkulu. Ongathandiyo akamazi uNkulunkulu; ngoba uNkulunkulu uluthando. Ngalokhu uthando lukaNkulunkulu lwabonakaliswa kithi, ukuthi uNkulunkulu wathumela iNdodana yakhe ezelwe yodwa emhlabeni, ukuze siphile ngayo.
1 kaJohane 4:7-9 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Bathandekayo, kumele sithandane, ngokuba uthando luvela kuNkulunkulu; bonke abanothando bazelwe nguNkulunkulu, futhi bayamazi uNkulunkulu. Ongathandiyo akamazi uNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu uluthando. Uthando lukaNkulunkulu walubonakalisa kithi ngokuthi athumele ezweni iNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuba siphile ngayo.
1 kaJohane 4:7-9 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Bathandekayo, masithandane, ngokuba uthando luvela kuNkulunkulu, nabo bonke abathandayo bazelwe nguNkulunkulu, bayamazi uNkulunkulu. Ongathandiyo akamazi uNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu uluthando. Uthando lukaNkulunkulu lwabonakaliswa kithi ngalokho ukuthi uNkulunkulu wathumela ezweni iNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba siphile ngayo.
1 kaJohane 4:7-9 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)