1 kaJohane 4:13-19
1 kaJohane 4:13-19 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngalokho siyazi ukuthi sihlala kuye, naye kithi, ngokuba usinikile okukaMoya wakhe. Nathi sibonile, siyafakaza ukuthi uYise wayithuma iNdodana ibe nguMsindisi womhlaba. Ovumayo ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu, uNkulunkulu uhlala kuye, naye kuNkulunkulu. Thina siyalwazi, sakholwa wuthando uNkulunkulu analo kithina. UNkulunkulu uluthando; futhi ohlala othandweni uhlala kuNkulunkulu, noNkulunkulu kuye. Ngalokhu uthando luphelelisiwe kithi, ukuze sibe nesibindi ngosuku lokwahlulelwa, ngokuba njengalokhu enjalo yena, sinjalo nathi kuleli zwe. Akukho ukwesaba othandweni; kepha uthando olupheleleyo luyaxosha ukwesaba, ngokuba ukwesaba kunesijeziso. Owesabayo akapheleliswa othandweni. Thina siyamthanda, ngoba yena wasithanda kuqala.
1 kaJohane 4:13-19 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngenxa yokuba esiphe okoMoya wakhe, ngalokho siyazi ukuthi sihlala kuye, naye kithi. Thina sibonile, futhi siyafakaza ukuthi uYise wayithuma iNdodana ukuba ibe nguMsindisi wezwe. Lowo ovuma ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu, uNkulunkulu uhlala kuye, naye kuNkulunkulu. Thina siyalwazi, futhi siyakholwa yilolu thando uNkulunkulu analo ngathi. UNkulunkulu uluthando nalowo ohlala othandweni uhlala kuNkulunkulu, noNkulunkulu uhlala kuye. Ngenxa yalokho uthando luphelelisiwe kithi, ukuze kuthi ngosuku lokwahlulelwa sime ngesibindi, ngokuba njengalokhu Yena eluthando, nathi sinjalo kuleli zwe. Akukho ukwesaba othandweni. Uthando olupheleleyo luyakuxosha ukwesaba, ngokuba ukwesaba kunesijeziso nowesabayo akaphelele othandweni. Thina siyathanda, ngokuba nguYena owasithanda kuqala.
1 kaJohane 4:13-19 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngalokho siyazi ukuthi sihlala kuye, naye kithi, ngokuba usiphile okukaMoya wakhe. Thina sibonile, siyafakaza ukuthi uYise wayithuma iNdodana ibe nguMsindisi wezwe. Lowo ovuma ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu, uNkulunkulu uhlala kuye, naye kuNkulunkulu. Thina siyalwazi, sikholwa yilo lolu thando uNkulunkulu analo kithina. UNkulunkulu uluthando, nohlala othandweni uhlala kuNkulunkulu, noNkulunkulu uhlala kuye. Ngalokho uthando luphelelisiwe kithi, ukuze sibe nesibindi ngosuku lokwahlulelwa, ngokuba njengalokhu enjalo yena, sinjalo nathi kuleli zwe. Akukho ukwesaba othandweni, kepha uthando olupheleleyo luyaxosha ukwesaba, ngokuba ukwesaba kunesijeziso, nowesabayo akaphelele othandweni. Thina siyathanda, ngokuba yena wasithanda kuqala.
1 kaJohane 4:13-19 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)