1 kaJohane 4:1-4
1 kaJohane 4:1-4 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Bathandekayo, ningakholwa yibo bonke omoya, kodwa hlolani omoya ukuthi bangabakaNkulunkulu yini; ngokuba baningi abaprofethi bamanga abaphumele ezweni. Yazini uMoya kaNkulunkulu ngalokhu: Bonke omoya abavuma ukuthi uJesu Kristu uzile enyameni bangabakaNkulunkulu; Futhi wonke umoya ongamvumi ukuthi uJesu Kristu uzile enyameni, akasiye okaNkulunkulu; namanje isikhona emhlabeni. Nina ningabakaNkulunkulu, bantwanyana, nibahlulile, ngokuba lowo okini mkhulu kunaye osezweni.
1 kaJohane 4:1-4 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Bathandekayo, ningakholwa yibo bonke omoya, kodwa bahloleni omoya ukuthi ngabe bangabakaNkulunkulu yini. Ngokuba baningi abaphrofethi bamanga abaphumele ezweni. UMoya kaNkulunkulu niyakumazi ngalokhu: bonke omoya abakuvumayo ukuthi uJesu Khristu uzelwe waba ngumuntu bangabakaNkulunkulu. Lowo moya ongamvumi uJesu Khristu, akasiye okaNkulunkulu; lowo moya-ke ungokamphikukhristu, lo enitshelwe ngaye ukuthi uyeza, manje-ke usefikile ezweni. Nina bantwanyana ningabakaNkulunkulu, nibahlulile, ngokuba lo okini mkhulu kunalowo osezweni.
1 kaJohane 4:1-4 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Bathandekayo, maningakholwa yibo bonke omoya, kepha hlolani omoya ukuthi bangabakaNkulunkulu yini; ngokuba baningi abaprofethi bamanga abaphumele ezweni. Yazini uMoya kaNkulunkulu ngalokhu: bonke omoya abavuma ukuthi uJesu Kristu ufikile enyameni bangabakaNkulunkulu; lowo moya ongamvumi uJesu akasiye okaNkulunkulu; lowo ungowomphikukristu enizwe ngaye ukuthi uyeza, nakalokhu usefikile ezweni. NingabakaNkulunkulu nina bantwanyana, nibahlulile, ngokuba lowo okini mkhulu kunaye osezweni.
1 kaJohane 4:1-4 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)