1 kaJohane 3:21-24
1 kaJohane 3:21-24 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Bathandekayo, uma inhliziyo yethu ingasilahli, sinesibindi kuNkulunkulu. Futhi loba yini esiyicelayo siyakwemukela kuye, ngoba sigcina imilayo yakhe, njalo senza okuthandekayo phambi kwakhe. Futhi yilo umyalo wakhe, ukuba sikholwe egameni leNdodana yakhe uJesu Kristu, sithandane, njengalokho wasilaya. Ogcina imiyalo yakhe uhlala kuye, naye kuye. Ngalokho siyazi ukuthi uhlala kithi ngoMoya asinike wona.
1 kaJohane 3:21-24 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Bathandekayo, uma inhliziyo yethu ingasilahli, sinesibindi kuNkulunkulu. futhi loba yini esiyicelayo siyakwemukela kuye, ngoba sigcina imilayo yakhe, njalo senza okuthandekayo phambi kwakhe. Futhi yilo umyalo wakhe, ukuba sikholwe egameni leNdodana yakhe uJesu Kristu, sithandane, njengalokho wasilaya. Ogcina imiyalo yakhe uhlala kuye, naye kuye. Ngalokho siyazi ukuthi uhlala kithi ngoMoya asinike wona.
1 kaJohane 3:21-24 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Bathandekayo, uma inhliziyo ingasilahli, sinesibindi sokuma phambi kukaNkulunkulu, nalokho esikucelayo Yena uyakusamukelisa khona, ngokuba siyigcina imiyalo yakhe, futhi senza okuthandekayo kuye. Yilo umyalo wakhe, ukuba sikholwe egameni leNdodana yakhe uJesu Khristu, sithandane, njengokuba asinika umyalo. Ogcina imiyalo yakhe uhlala kuye, naye uqobo uhlala kuye. Ngalokho siyazi ukuthi uhlala kithi ngaye uMoya oNgcwele asinike Yena.
1 kaJohane 3:21-24 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Bathandekayo, uma inhliziyo ingasilahli, sinesibindi kuNkulunkulu, nesikucelayo siyakukwamukeliswa nguye, ngokuba sigcina imiyalo yakhe, senza okuthandekayo ebusweni bakhe. Yilo umyalo wakhe ukuba sikholwe egameni leNdodana yakhe uJesu Kristu, sithandane, njengokuba asinika umyalo. Ogcina imiyalo yakhe uhlala kuye, naye uqobo uhlala kuye; siyazi ngalokho ukuthi uhlala kithi ngaye uMoya asinike yena.