1 KaJohane 3:21-24

1 KaJohane 3:21-24 ZUL20

Bathandekayo, uma inhliziyo ingasilahli, sinesibindi sokuma phambi kukaNkulunkulu, nalokho esikucelayo Yena uyakusamukelisa khona, ngokuba siyigcina imiyalo yakhe, futhi senza okuthandekayo kuye. Yilo umyalo wakhe, ukuba sikholwe egameni leNdodana yakhe uJesu Khristu, sithandane, njengokuba asinika umyalo. Ogcina imiyalo yakhe uhlala kuye, naye uqobo uhlala kuye. Ngalokho siyazi ukuthi uhlala kithi ngaye uMoya oNgcwele asinike Yena.