1 kwabaseKorinte 2:6-10
1 kwabaseKorinte 2:6-10 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kepha sikhuluma ukuhlakanipha phakathi kwabapheleleyo, ukuhlakanipha okungesikho okwaleli zwe nokwababusi balesi sikhathi ababhubhayo; Kodwa sikhuluma ukuhlakanipha kukaNkulunkulu emfihlakalweni, ukuhlakanipha okufihliweyo, uNkulunkulu akumisa kungakabi khona umhlaba kube yinkazimulo yethu; Okungekho noyedwa wababusi balumhlaba okwaziyo, ngoba uba babekwazi, ngabe kabayibethela iNkosi yenkazimulo esiphambanweni. Kepha kunjengokulotshiweyo ukuthi: “Iso elingakubonanga, nendlebe engakuzwanga, okungangenanga enhliziyweni yomuntu lokho uNkulunkulu akulungisela abamthandayo. Kodwa uNkulunkulu ukwambulile kithi ngoMoya wakhe
1 kwabaseKorinte 2:6-10 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kepha ukuhlakanipha sikukhuluma kulabo asebekhulile, kodwa lokhu ngukuhlakanipha okungesikho okwalesi sikhathi noma okwababusi balesi sikhathi, ababhubhayo. Kepha sikhuluma ukuhlakanipha kukaNkulunkulu okusemfihlakalweni efihliweyo, uNkulunkulu akumisela phambilini ukuba kube yinkazimulo yethu umhlaba ungakadalwa. Akukho namunye kubabusi balesi sikhathi obekwazi, ngokuba ukuba bebekwazi, babengeke bayibethele iNkosi yenkazimulo. Kepha kulotshiwe ukuthi: “Lokho iso elingakubonanga nendlebe engakuzwanga, okungaphumanga enhliziyweni yomuntu, uNkulunkulu wakulungisela labo abamthandayo.” Ngokuba uNkulunkulu ukwambulile kithi ngoMoya; phela uMoya ukuhlolisisa konke, ngisho nokujulileyo kukaNkulunkulu.
1 kwabaseKorinte 2:6-10 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kepha ukuhlakanipha sikukhuluma phakathi kwabapheleleyo, ukuhlakanipha kambe okungesikho okwalesi sikhathi nokwababusi balesi sikhathi, ababhubhayo. Kodwa sikhuluma ukuhlakanipha kukaNkulunkulu emfihlakalweni efihliweyo uNkulunkulu akumisela ngaphambili kube yinkazimulo yethu, kusukela kwaphakade, okungaziwa namunye wababusi balesi sikhathi; ngokuba uma bebekwazi, babengayikuyibethela esiphambanweni iNkosi yenkazimulo; kepha kunjengokuba kulotshiwe ukuthi: “Lokho iso elingakubonanga, nendlebe engakuzwanga, okungavelanga enhliziyweni yamuntu, uNkulunkulu akulungisela abamthandayo.” Ngokuba kithina uNkulunkulu ukwambulile ngoMoya; ngokuba uMoya uhlolisisa konke, yebo, nokujulileyo kukaNkulunkulu.
1 kwabaseKorinte 2:6-10 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)