1 kwabaseKorinte 2:14-16
1 kwabaseKorinte 2:14-16 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Umuntu wemvelo akakwamukeli okukaMoya kaNkulunkulu, ngokuba kungubuwula kuye, futhi angekuqonde lokho; kuqondisiswa ngokomoya. Kepha umuntu onoMoya kaNkulunkulu uphenyisisa konke, kanti Yena akukho muntu ongamphenyisisa. Ngokuba ngubani owawazi umqondo weNkosi, ukuba angaze ayifundise na? Kepha thina sinomqondo kaKhristu.
1 kwabaseKorinte 2:14-16 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kepha umuntu wemvelo kakwamukeli okukaMoya kaNkulunkulu, ngokuba kungubuwula kuye; Kepha ongowomoya uhlola zonke izinto, kepha yena akahlolwa ngumuntu. Ngokuba ngubani owazi umqondo weNkosi ukuba ayifundise na? Kodwa thina sinomqondo kaKristu.
1 kwabaseKorinte 2:14-16 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kepha umuntu wemvelo kakwamukeli okukaMoya kaNkulunkulu, ngokuba kungubuwula kuye; Kepha ongowomoya uhlola zonke izinto, kepha yena akahlolwa ngumuntu. Ngokuba ngubani owazi umqondo weNkosi ukuba ayifundise na? Kodwa thina sinomqondo kaKristu.
1 kwabaseKorinte 2:14-16 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Umuntu wemvelo kakwamukeli okukaMoya kaNkulunkulu, ngokuba kungubuwula kuye; angekuqonde, ngokuba kubonisiswa ngokomoya. Kepha ongowomoya ubonisisa konke, kodwa yena kabonisiswa muntu. Ngokuba ngubani owake wazi umqondo weNkosi ukuba angaze ayifundise na? Kepha thina sinomqondo kaKristu.