1 kwabaseKorinte 2:1-16

1 kwabaseKorinte 2:1-16 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Nami bazalwane, ekufikeni kwami lapho kini, angifikanga ngobugagu bokukhuluma noma bokuhlakanipha, kodwa ngimemezele kini imfihlakalo kaNkulunkulu. Ngokuba nganquma ukuthi angiyukukwazi okunye kini, kuphela uJesu Khristu, lowo obethelwe esiphambanweni. Mina ngafika kini ngibuthakathaka, ngesaba, ngithuthumela kakhulu, futhi ukukhuluma nokushumayela kwami akubanga ngamazwi ahehayo obugagu, kodwa kwaba ngesibonakaliso sikaMoya nesamandla, ukuze ukukholwa kwenu kunganciki ekuhlakanipheni kwabantu, kodwa kume ngamandla kaNkulunkulu. Kepha ukuhlakanipha sikukhuluma kulabo asebekhulile, kodwa lokhu ngukuhlakanipha okungesikho okwalesi sikhathi noma okwababusi balesi sikhathi, ababhubhayo. Kepha sikhuluma ukuhlakanipha kukaNkulunkulu okusemfihlakalweni efihliweyo, uNkulunkulu akumisela phambilini ukuba kube yinkazimulo yethu umhlaba ungakadalwa. Akukho namunye kubabusi balesi sikhathi obekwazi, ngokuba ukuba bebekwazi, babengeke bayibethele iNkosi yenkazimulo. Kepha kulotshiwe ukuthi: “Lokho iso elingakubonanga nendlebe engakuzwanga, okungaphumanga enhliziyweni yomuntu, uNkulunkulu wakulungisela labo abamthandayo.” Ngokuba uNkulunkulu ukwambulile kithi ngoMoya; phela uMoya ukuhlolisisa konke, ngisho nokujulileyo kukaNkulunkulu. Ngokuba ngubani kubantu okwaziyo okomuntu, uma kungesiye umoya womuntu okuye na? Kanjalo-ke nokukaNkulunkulu akwaziwa muntu, kuphela nguMoya kaNkulunkulu okwaziyo. Kepha thina asamukelanga umoya wezwe, kodwa umoya ovela kuNkulunkulu, ukuze sikwazi esikuphiwe nguNkulunkulu ngomusa, esikhuluma ngakho futhi, kungengamazwi afundiswa ngukuhlakanipha kwabantu, kodwa afundiswa nguMoya, sichaza okomoya ngokomoya. Umuntu wemvelo akakwamukeli okukaMoya kaNkulunkulu, ngokuba kungubuwula kuye, futhi angekuqonde lokho; kuqondisiswa ngokomoya. Kepha umuntu onoMoya kaNkulunkulu uphenyisisa konke, kanti Yena akukho muntu ongamphenyisisa. Ngokuba ngubani owawazi umqondo weNkosi, ukuba angaze ayifundise na? Kepha thina sinomqondo kaKhristu.

1 kwabaseKorinte 2:1-16 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Nami, bazalwane, ekufikeni kwami kini angifikanga ngobungcweti bokukhuluma nobokuhlakanipha, ngimemezela kini ubufakazi bukaNkulunkulu. Ngokuba nganquma ukungazi lutho phakathi kwenu, kuphela uJesu Kristu, naye obethelwe esiphambanweni. Mina ngangikini ngobuthakathaka, nangokwesaba, nangokuthuthumela okukhulu. Nokukhuluma kwami nokushumayela kwami akubanga ngamazwi okuhlakanipha ahungayo, kepha kwaba ngesibonakaliso sikaMoya namandla; ukuze ukholo lwenu lungabi ngokuhlakanipha kwabantu, kodwa lube semandleni kaNkulunkulu. Kepha sikhuluma ukuhlakanipha phakathi kwabapheleleyo, ukuhlakanipha okungesikho okwaleli zwe nokwababusi balesi sikhathi ababhubhayo; Kodwa sikhuluma ukuhlakanipha kukaNkulunkulu emfihlakalweni, ukuhlakanipha okufihliweyo, uNkulunkulu akumisa kungakabi khona umhlaba kube yinkazimulo yethu; Okungekho noyedwa wababusi balumhlaba okwaziyo, ngoba uba babekwazi, ngabe kabayibethela iNkosi yenkazimulo esiphambanweni. Kepha kunjengokulotshiweyo ukuthi: “Iso elingakubonanga, nendlebe engakuzwanga, okungangenanga enhliziyweni yomuntu lokho uNkulunkulu akulungisela abamthandayo. Kodwa uNkulunkulu ukwambulile kithi ngoMoya wakhe; Ngokuba ngumuphi umuntu owazi okomuntu, kuphela umoya womuntu okuye na? ngokunjalo nezinto zikaNkulunkulu akakho ozaziyo, kuphela uMoya kaNkulunkulu. Kepha thina asamukelanga umoya wezwe, kodwa umoya ovela kuNkulunkulu; ukuze sazi izinto esiphiwe ngesihle nguNkulunkulu. Esizikhulumayo futhi, kungengamazwi esiwafundiswa ngokuhlakanipha kwabantu, kodwa angawafundiswa nguMoya oNgcwele; siqhathanisa izinto ezingokomoya nezingokomoya. Kepha umuntu wemvelo kakwamukeli okukaMoya kaNkulunkulu, ngokuba kungubuwula kuye; Kepha ongowomoya uhlola zonke izinto, kepha yena akahlolwa ngumuntu. Ngokuba ngubani owazi umqondo weNkosi ukuba ayifundise na? Kodwa thina sinomqondo kaKristu.

1 kwabaseKorinte 2:1-16 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Nami, bazalwane, ekufikeni kwami kini angifikanga ngobungcweti bokukhuluma nobokuhlakanipha, ngimemezela kini ubufakazi bukaNkulunkulu. Ngokuba nganquma ukungazi lutho phakathi kwenu, kuphela uJesu Kristu, naye obethelwe esiphambanweni. Mina ngangikini ngobuthakathaka, nangokwesaba, nangokuthuthumela okukhulu. nokukhuluma kwami nokushumayela kwami akubanga ngamazwi okuhlakanipha ahungayo, kepha kwaba ngesibonakaliso sikaMoya namandla; ukuze ukholo lwenu lungabi ngokuhlakanipha kwabantu, kodwa lube semandleni kaNkulunkulu. Kepha sikhuluma ukuhlakanipha phakathi kwabapheleleyo, ukuhlakanipha okungesikho okwaleli zwe nokwababusi balesi sikhathi ababhubhayo; Kodwa sikhuluma ukuhlakanipha kukaNkulunkulu emfihlakalweni, ukuhlakanipha okufihliweyo, uNkulunkulu akumisa kungakabi khona umhlaba kube yinkazimulo yethu; Okungekho noyedwa wababusi balumhlaba okwaziyo, ngoba uba babekwazi, ngabe kabayibethela iNkosi yenkazimulo esiphambanweni. Kepha kunjengokulotshiweyo ukuthi: “Iso elingakubonanga, nendlebe engakuzwanga, okungangenanga enhliziyweni yomuntu lokho uNkulunkulu akulungisela abamthandayo. Kodwa uNkulunkulu ukwambulile kithi ngoMoya wakhe; Ngokuba ngumuphi umuntu owazi okomuntu, kuphela umoya womuntu okuye na? ngokunjalo nezinto zikaNkulunkulu akakho ozaziyo, kuphela uMoya kaNkulunkulu. Kepha thina asamukelanga umoya wezwe, kodwa umoya ovela kuNkulunkulu; ukuze sazi izinto esiphiwe ngesihle nguNkulunkulu. Esizikhulumayo futhi, kungengamazwi esiwafundiswa ngokuhlakanipha kwabantu, kodwa angawafundiswa nguMoya oNgcwele; siqhathanisa izinto ezingokomoya nezingokomoya. Kepha umuntu wemvelo kakwamukeli okukaMoya kaNkulunkulu, ngokuba kungubuwula kuye; Kepha ongowomoya uhlola zonke izinto, kepha yena akahlolwa ngumuntu. Ngokuba ngubani owazi umqondo weNkosi ukuba ayifundise na? Kodwa thina sinomqondo kaKristu.

1 kwabaseKorinte 2:1-16 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Nami, bazalwane, ekufikeni kwami kini angifikanga ngobungcweti bokukhuluma nobokuhlakanipha, ngimemezele kini ubufakazi bukaNkulunkulu. Ngokuba nganquma ukuthi angiyikwazi okunye phakathi kwenu, kuphela uJesu Kristu, lowo obethelwe esiphambanweni. Mina ngangikini ngobuthakathaka, nangokwesaba, nangokuthuthumela okukhulu; nokukhuluma kwami nokushumayela kwami akubanga ngamazwi okuhlakanipha ahungayo, kepha kwaba ngesibonakaliso sikaMoya nesamandla, ukuze ukukholwa kwenu kungemi ngokuhlakanipha kwabantu, kume ngamandla kaNkulunkulu. Kepha ukuhlakanipha sikukhuluma phakathi kwabapheleleyo, ukuhlakanipha kambe okungesikho okwalesi sikhathi nokwababusi balesi sikhathi, ababhubhayo. Kodwa sikhuluma ukuhlakanipha kukaNkulunkulu emfihlakalweni efihliweyo uNkulunkulu akumisela ngaphambili kube yinkazimulo yethu, kusukela kwaphakade, okungaziwa namunye wababusi balesi sikhathi; ngokuba uma bebekwazi, babengayikuyibethela esiphambanweni iNkosi yenkazimulo; kepha kunjengokuba kulotshiwe ukuthi: “Lokho iso elingakubonanga, nendlebe engakuzwanga, okungavelanga enhliziyweni yamuntu, uNkulunkulu akulungisela abamthandayo.” Ngokuba kithina uNkulunkulu ukwambulile ngoMoya; ngokuba uMoya uhlolisisa konke, yebo, nokujulileyo kukaNkulunkulu. Ngokuba ngumuphi kubantu owazi okomuntu, uma kungesiye umoya womuntu okuye na? Ngokunjalo nokukaNkulunkulu akwaziwa muntu, kuphela nguMoya kaNkulunkulu. Kepha thina asamukelanga umoya wezwe kodwa umoya ovela kuNkulunkulu, ukuze sikwazi esikuphiwe nguNkulunkulu ngomusa, esikhuluma ngakho futhi, kungengamazwi afundiswa ngukuhlakanipha kwabantu kodwa afundiswa nguMoya, sichaza okomoya ngokomoya. Umuntu wemvelo kakwamukeli okukaMoya kaNkulunkulu, ngokuba kungubuwula kuye; angekuqonde, ngokuba kubonisiswa ngokomoya. Kepha ongowomoya ubonisisa konke, kodwa yena kabonisiswa muntu. Ngokuba ngubani owake wazi umqondo weNkosi ukuba angaze ayifundise na? Kepha thina sinomqondo kaKristu.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo