UZefaniya 2

2
UZefaniya 2
Funani uJehova bonke abathobekileyo bomhlaba
1Hlanganani, yebo, buthanani, O sizwe esingafunwa;
2lungakafiki umyalo, usuku lungakadluli njengamakhoba, lungakafiki phezu kwenu ulaka lukaJehova, lungakafiki phezu kwenu usuku lolaka lukaJehova.
3Funani iNkosi, nonke bathobekileyo bomhlaba, ekwenzile ukwahlulela kwayo; funani ukulunga, funani ukuthobeka; mhlawumbe niyakusitshekelwa ngosuku lwentukuthelo kaJehova.
4Ngokuba iGaza liyakushiywa, ne-Ashikeloni libe yihlane; bayakuxosha i-Ashidodi emini, ne-Ekroni lisishulwe.
5Maye kwabakhileyo ngasogwini lolwandle, isizwe samaKrethe! izwi likaJehova limelene nani; IKhanani, izwe lamaFilisti, futhi ngizokubhubhisa, ukuze kungabikho ohlala khona.
6Ugu lolwandle luyoba yizindlu namadokodo abelusi nezibaya zezimvu.
7Umkhawulo uyakuba ngowensali yendlu yakwaJuda; bayoklaba kuyo; ezindlini zase-Ashikeloni kusihlwa bayakulala; ngokuba uJehova uNkulunkulu wabo uyakubahambela, abuyise ukuthunjwa kwabo.
8Ngikuzwile ukuthukwa kukaMowabi nokuhlambalaza kwabantwana bakwa-Amoni, abahlambalaze ngakho abantu bami, baziphakamisa phezu kwemikhawulo yabo.
9Ngalokho kuphila kwami, usho uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, isibili, uMowabi uyakuba njengeSodoma, nabantwana bakwa-Amoni njengeGomora, okuzala amakhakhasi neziphethu zikasawoti, kube yincithakalo ephakade, insali yabantu bami. Bayoziphanga, futhi insali yabantu bami iyoba ifa.
10Lokhu kuyakuba njengokuzigqaja kwabo, ngokuba baye bazihlambalaza, baziphakamisa kubantu bakaJehova Sebawoti.
11UJehova uyakwesabeka kubo, ngokuba uyakwenza ukuba bonke onkulunkulu bomhlaba balambe; futhi abantu bayokhuleka kuyo, kube yilowo nalowo endaweni yakhe, zonke iziqhingi zezizwe.
12Nani maKushe, niyobulawa ngenkemba yami.
13Uyakwelulela isandla sakhe ngasenyakatho, abhubhise i-Asiriya; futhi uyokwenza iNineve libe ihlane nelome njengehlane.
14Futhi imihlambi iyolala phakathi kwawo, zonke izilwane zezizwe; inkalakatha kanye nomunyu kuyolala emaphethelweni ayo angaphezulu; izwi labo liyohuba emafasiteleni; ukubhujiswa kuyakuba semibundwini, ngokuba uyakudalula umsebenzi wemisedari.
15Lona ngumuzi othokozayo owawuzihlalele, owawuthi enhliziyweni yawo: Yimi yimi, akakho omunye ngaphandle kwami; seliphenduke incithakalo, indawo yokulala izilwane; wonke umuntu odlula ngakuyo uyakushaya ikhwelo, azulise isandla sakhe.

Okuqokiwe okwamanje:

UZefaniya 2: CZB24

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume