UZakariya 2:2-5

UZakariya 2:2-5 CZB24

Ngasengisithi: Uya ngaphi? Wayesethi kimi: “Ukulinganisa iJerusalema, ukubona ububanzi balo nobude balo; Bheka, ingelosi eyayikhuluma nami yaphuma, nenye ingelosi yaphuma ukuyihlangabeza; Wathi kuyo: “Gijima, ukhulume naleli nsizwa, uthi: ‘IJerusalema liyakuhlala njengemizi engenalugange ngenxa yobuningi babantu nezinkomo kuyo.’ Ngokuba mina, usho uJehova, ngiyakuba lugange lomlilo kulo nxazonke nenkazimulo phakathi kwalo.