UZakariya 10

10
UZakariya 10
Isivumelwano seNkosi no-Israyeli
1Celani imvula kuJehova ngesikhathi semvula yokucina; kanjalo uJehova uyakwenza amafu akhazimulayo, abanike izihlambi zemvula kubo bonke utshani basendle.
2Ngokuba izithombe zikhulume okuyize, nabahlola imihlola babone amanga, bakhuluma amaphupho amanga; baduduza ize; ngalokho zahamba njengomhlambi, zethuka, ngokuba kwakungekho umalusi.
3Intukuthelo yami yavuthela abelusi, ngahambela ezimbuzini, ngokuba uJehova Sebawoti wahambela umhlambi wakhe, indlu yakwaJuda, wabenza babe njengehhashi lakhe elihle empini.
4Kwavela kuye ikona, kuye isikhonkwane, kuye umnsalo, kuye bonke abacindezeli kanyekanye.
5Bayakuba njengamaqhawe anyathela izitha zabo odakeni lwezitaladi ekulweni; bayakulwa, ngokuba uJehova unabo, nabamahhashi bayakuba namahloni.
6Ngiyakuqinisa indlu yakwaJuda, ngisindise indlu kaJosefa, ngiyibuyise ukuba ihlale; ngokuba nginomusa kubo, futhi bayoba sengathi angizange ngibalahle; ngoba nginguJehova uNkulunkulu wabo, futhi ngiyobalalela.
7Abakwa-Efrayimi bayakuba njengeqhawe, inhliziyo yabo ijabule njengasewayinini; yebo, abantwana babo bayokubona futhi bajabule; inhliziyo yabo iyakujabula kuJehova.
8Ngizabashayela ikhwelo ngibabuthe; ngokuba ngibahlengile, futhi bayokwanda njengoba bandile.
9Ngiyakubahlwanyela phakathi kwezizwe, bangikhumbule emazweni akude; futhi bayohlala nabantwana babo futhi babuyele emuva.
10Ngiyakubabuyisa ezweni laseGibithe, ngibabuthe e-Asiriya; ngiyakubayisa ezweni lakwaGileyadi naseLebanoni; futhi ngeke itholakale indawo yabo.
11Futhi uyodabula ulwandle ngosizi futhi ashaye amagagasi olwandle, futhi zonke izizinda zomfula ziyokoma; nokuzigqaja kwe-Asiriya kuyakwehliswa, nentonga yobukhosi yaseGibithe iyomuka.
12Ngiyakubaqinisa kuJehova; futhi bayohamba behla benyuka egameni lakhe,” kusho uJehova.

Okuqokiwe okwamanje:

UZakariya 10: CZB24

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume