Ngokuba abangokwenyama banaka okwenyama; kodwa abangokoMoya izinto zikaMoya. Ngokuba ukunaka kwenyama kungukufa; kepha ukunaka okomoya kungukuphila nokuthula. Ngokuba ukunaka kwenyama kungubutha kuNkulunkulu, ngokuba akuwuthobeli umthetho kaNkulunkulu, futhi kungekwenzeki. Ngakho abasenyameni abanakumthokozisa uNkulunkulu. Kepha nina anisenyameni, kodwa nikuMoya, uma uMoya kaNkulunkulu ehlala kini. Kepha uma umuntu engenaye uMoya kaKristu, lowo kasiye owakhe. Uma uKristu ekini, umzimba ufile ngenxa yesono; kodwa uMoya ungukuphila ngenxa yokulunga. Kepha uma uMoya walowo owavusa uJesu kwabafileyo ehlala kini, yena owavusa uKristu kwabafileyo uyakuphilisa nemizimba yenu efayo ngoMoya wakhe ohlala kini. Ngakho-ke, bazalwane, sinecala, kungeyisikho kuyo inyama, ukuze siphile ngokwenyama. Ngokuba uma niphila ngokwenyama, nizakufa; kepha uma nibulala imisebenzi yomzimba ngoMoya, nizakuphila. Ngokuba bonke abaholwa nguMoya kaNkulunkulu bangabantwana bakaNkulunkulu. Ngokuba anamukeliswanga umoya wobugqila ukuba nibuye nesabe; kodwa namukele uMoya wobuntwana, esimemeza ngaye sithi: Aba, Baba.
Funda KwabaseRoma 8
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: KwabaseRoma 8:5-15
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo