KwabaseRoma 8:28-34

KwabaseRoma 8:28-34 CZB24

Njalo siyazi ukuthi konke kusebenzelana kube ngokuhle kwabamthandayo uNkulunkulu, ababiziweyo ngecebo lakhe. Ngokuba labo ayebazi ngaphambili wabamisa ngaphambili bafane nomfanekiso weNdodana yakhe, ukuze yona ibe yizibulo phakathi kwabazalwane abaningi. Phezu kwalokho abamisele ngaphambili, labo futhi ababizile; Pho siyakuthini ngalezi zinto na? Uma uNkulunkulu engakithi, ngubani ongamelana nathi na? Yena ongayigodlanga eyakhe iNdodana, kepha wayinikela ngenxa yethu sonke, uyakuba kanjani ukuba angasiphi ngesihle kanye nayo na? Ngubani oyakumangalela abakhethiweyo bakaNkulunkulu na? nguNkulunkulu olungisisayo. Ngubani olahlayo? NguKristu owafa, yebo, kakhulu owavuswa kwabafileyo, ongakwesokunene sikaNkulunkulu, osinxuselayo.