KwabaseRoma 8:18-30

KwabaseRoma 8:18-30 CZB24

Ngokuba ngithi izinhlupheko zalesi sikhathi azinakulinganiswa nenkazimulo ezakwambulwa kithi. Ngokuba ukulangatha okudaliweyo kulindele ukuvezwa kwabantwana bakaNkulunkulu. Ngoba okudaliweyo kwabekwa ngaphansi kobuze, kungeyisikho ngokuthanda, kodwa ngaye owakuthobisayo ethembeni; Ngokuba nakho okudaliweyo kuyakukhululwa ebugqileni bokubhubha, kube ngukukhululeka kwenkazimulo yabantwana bakaNkulunkulu. Ngokuba siyazi ukuthi konke okudaliweyo kuyabubula kanyekanye futhi kunemihelo kuze kube manje. Akusikho lokho kuphela, kodwa nathi uqobo lwethu esinolibo lukaMoya, nathi ngokwethu siyabubula phakathi kwethu, silindele ukuma kwabantwana, ukukhululwa kwemizimba yethu. Ngokuba sisindiswa ngethemba, kepha ithemba elibonwayo alisilo ithemba; Kodwa uma sithemba lokho esingakuboniyo, siyakulindela ngokubekezela. Ngokunjalo noMoya uyasisiza ebuthakathakeni bethu, ngokuba asikwazi esingakucela ngokufanele, kepha uMoya uqobo usikhulekela ngokububula okungenakuphinyiselwa. Kepha yena ohlola izinhliziyo uyakwazi okuqondwa nguMoya, ngokuba ukhulumela abangcwele ngokwentando kaNkulunkulu. Njalo siyazi ukuthi konke kusebenzelana kube ngokuhle kwabamthandayo uNkulunkulu, ababiziweyo ngecebo lakhe. Ngokuba labo ayebazi ngaphambili wabamisa ngaphambili bafane nomfanekiso weNdodana yakhe, ukuze yona ibe yizibulo phakathi kwabazalwane abaningi. Phezu kwalokho abamisele ngaphambili, labo futhi ababizile