Anazi yini ukuthi lowo enizinikela kuye ukuba nibe yizinceku zokumlalela, niyizinceku zakhe enimlalelayo; loba okwesono kube ngukufa, kumbe ukulalela kube ngukulunga? Kepha makabongwe uNkulunkulu, ngokuba naniyizigqila zesono, nalalela ngokusuka enhliziyweni leyo ndlela yesifundiso enanikelwa ngayo. Senikhululiwe esonweni, naba yizigqila zokulunga. Ngikhuluma ngokwabantu ngenxa yobuthakathaka benyama yenu; ngokunjalo-ke nikelani izitho zenu khathesi izigqili zokulunga kube ngcwele. Ngokuba lapho niseyizinceku zesono, nanikhululekile ekulungeni. Benazithelo zini ngaleso sikhathi ngalezo eninamahloni ngazo manje na? ngoba isiphetho salezozinto yikufa. Kepha manje senikhululiwe esonweni, naba yizigqila zikaNkulunkulu, nisitholile isithelo senu kube ngubungcwele, nokugcina ukuphila okuphakade. Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa; kodwa isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKristu Jesu iNkosi yethu.
Funda KwabaseRoma 6
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: KwabaseRoma 6:16-23
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo