KwabaseRoma 6:16-23

KwabaseRoma 6:16-23 ZUL59

Anazi yini ukuthi lowo enizinikela kuye ukuba nibe yizinceku zokumlalela, niyizinceku zakhe enimlalelayo, noma ezesono kube ngukufa noma ezokulalela kube ngukulunga, na? Kepha makabongwe uNkulunkulu ukuthi nina enaniyizinceku zesono senilalela ngenhliziyo indlela yesifundiso enanikelwa kuyo nokuthi, senikhululiwe esonweni, naba yizinceku zokulunga. Ngikhulumisa okomuntu ngenxa yobuthakathaka benyama yenu. Ngokuba njengalokho nanikela izitho zenu zibe yizinceku zamanyala nezokungalungi kwaba ngukungalungi, kanjalo nikelani manje izitho zenu zibe yizinceku zokulunga kube ngukungcweliswa. Ngokuba lapho nise yizinceku zesono, nanikhululekile maqondana nokulunga. Ngaleso sikhathi naninezithelo zini na? Eseninezinhloni ngakho manje; ngokuba ukugcina kwalokho kungukufa. Kepha manje, senikhululiwe esonweni naba ngabakhonza uNkulunkulu, ninazo izithelo zenu kube ngukungcweliswa nasekugcineni ukuphila okuphakade. Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa, kepha isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKristu Jesu iNkosi yethu.