KwabaseRoma 5:1-11

KwabaseRoma 5:1-11 CZB24

Ngakho lokhu sesilungisisiwe ngokukholwa, sinokuthula kuNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Kristu; okungaye futhi sinokungena ngokholo kulo musa esimi kuwo, sizibonga ethembeni lenkazimulo kaNkulunkulu. Akusikho lokho kuphela, kodwa sizibonga nangezinhlupheko, sazi ukuthi usizi luveza ukubekezela; nokubekezela kungukuqonda; nokuhlangenwe nakho, ithemba; Futhi ithemba alijabhisi; ngokuba uthando lukaNkulunkulu lutheliwe ezinhliziyweni zethu ngoMoya oNgcwele esimuphiweyo. Ngoba lapho sisebuthakathaka, ngesikhathi esifaneleyo uKristu wafela abangamesabi uNkulunkulu. Ngokuba akulula ukuba umuntu afele olungileyo; Kepha uNkulunkulu uyabonakalisa uthando lwakhe kithina ngokuthi, siseyizoni, uKristu wasifela. Ngakho-ke sesilungisisiwe ngegazi lakhe kakhulu, siyakusindiswa ngaye olakeni. Ngokuba uma, siseyizitha, sabuyisana noNkulunkulu ngokufa kweNdodana yakhe, kakhulu siyakusindiswa ngokuphila kwayo sesitholile ukubuyisana. Akusikho lokho kuphela, kodwa sizibonga futhi kuNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Kristu, esesamukele ngayo ukubuyisana.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo