Ngakho-ke kungokholo, ukuze kube ngomusa; ukuze isithembiso siqiniseke kuyo yonke inzalo; kungeyisikho lokho okungokomthetho kuphela, kodwa nakulokho okungokukholwa kuka-Abrahama; ongubaba wethu sonke. (Njengokulotshiweyo ukuthi: Ngikumisile ube nguyise wezizwe ezinengi), phambi kwalowo akholwayo, uNkulunkulu, ophilisa abafileyo, njalo obiza izinto ezingekho njengokungathi zikhona. Owathi ngaphandle kwethemba wakholwa ngethemba, ukuze abe nguyise wezizwe eziningi, njengalokho okwashiwoyo ukuthi: Iyakuba njalo inzalo yakho. Ngokuba engabuthakathaka ekukholweni, akawunakanga umzimba wakhe owawusufile, eseneminyaka engaba yikhulu, noma ukufa kwesizalo sikaSara; Akabazanga ngesithembiso sikaNkulunkulu ngokungakholwa; kodwa waqina ekukholweni, enika uNkulunkulu udumo; Eqiniseka ngokugcwele ukuthi lokho akuthembisile unamandla futhi nokukwenza. Ngakho-ke kwabalelwa kuye ukuthi kungukulunga. Kepha akulotshwanga ngenxa yakhe yedwa ukuthi kwabalelwa kuye; Kodwa nakithi, esizakubalelwa, uma sikholwa kuye owavusa uJesu iNkosi yethu kwabafileyo; owanikelwa ngenxa yeziphambeko zethu, wabuye wavuswa ukuze silungisiswe.
Funda KwabaseRoma 4
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: KwabaseRoma 4:16-25
16 Days
There are five essentials you have to have in life in order to really live. Join Pastor Rick for this series as he digs deep into why you need power to live on, people to live with, principles to live by, a plan to live out, and a purpose to live for.
24 Days
The birth of Christ, His advent, marks God's ultimate plan for our redemption. In Christ, we see the fullest picture of God's hope, peace, joy and love. God's Word is the truth by which we know and walk with Him daily. It is our hope that this guide will encourage and facilitate personal time spent in the Word and provide a resource for families with children to do that together.
Considered one of the most theologically rich books of the New Testament, Romans is a treatise on the theology of salvation. Beginning with the hopelessness of our sin-filled state, Paul shows how God provides righteousness to His people through Jesus Christ. In Romans, we are reminded that justification does not come from status or moral achievement but from belief in the substitutionary death and glorious resurrection of Jesus Christ.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo