Ngakho-ke thina esinamandla sifanele ukuthwala ubuthakathaka bababuthakathaka, singazithokozisi thina. Yilowo nalowo kithi makajabulise umakhelwane kube kuhle, akheke. Ngokuba noKristu akazithokozisanga yena; kodwa, njengokulotshiweyo ukuthi: Ukuthuka kwabakuthukayo kwehlela phezu kwami. Ngoba konke okwalotshwa ngaphambili kwalotshelwa ukufundiswa kwethu, ukuze ngokubekezela langenduduzo yemibhalo sibe lethemba. Kepha uNkulunkulu wokubekezela nowenduduzo makaniphe nibe nomqondo munye omunye komunye ngokukaKristu Jesu; ukuze ngamlomo munye nikhazimulise uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Kristu. Ngakho yamukelanani, njengalokhu uKristu wasesamukela, kube yinkazimulo kaNkulunkulu. Kepha ngithi uJesu Kristu waba yisikhonzi sokusoka ngenxa yeqiniso likaNkulunkulu, ukuze aqinise izithembiso zabobaba; Lokuthi abezizwe badumise uNkulunkulu ngenxa yesihawu sakhe; njengokulotshiweyo ukuthi: “Ngalokho ngiyakukudumisa phakathi kwabezizwe, ngihubele igama lakho. Ubuye athi: Jabulani nina bezizwe, kanye nabantu bakhe. Futhi: Dumisani iNkosi nina bezizwe nonke; nimdumise nina zizwe zonke. Futhi futhi u-Isaya uthi: Kuyakuba khona impande kaJese, futhi oyakuvuka abuse phezu kwabezizwe; abezizwe bazathembela kuye. UNkulunkulu wethemba makanigcwalise ngenjabulo yonke nangokuthula konke ekukholweni, ukuze nivame ethembeni ngamandla kaMoya oNgcwele.
Funda KwabaseRoma 15
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: KwabaseRoma 15:1-13
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo