Ningaphindiseli muntu okubi ngokubi. Yenzani izinto eziqotho phambi kwabantu bonke. Uma kungenzeka, ngokusemandleni enu, hlalani ngokuthula nabantu bonke. Bathandekayo, ningaziphindiseli nina, kodwa dedelani ulaka, ngokuba kulotshiwe ukuthi: Ngokwami ukuphindisela; ngiyakubuyisela mina, isho iNkosi. Ngakho-ke uma isitha sakho silambile, siphe sidle; uma somile, siphuzise, ngokuba ngokwenza lokho uyakubuthela amalahle omlilo ekhanda laso. Unganqotshwa okubi, kodwa nqoba okubi ngokuhle.
Funda KwabaseRoma 12
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: KwabaseRoma 12:17-21
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo