KwabaseRoma 10:8-13

KwabaseRoma 10:8-13 CZB24

Kodwa lithini? Izwi liseduze nawe, emlonyeni wakho nasenhliziyweni yakho, okungukuthi, izwi lokukholwa, esilishumayelayo; Ngokuba uma uvuma ngomlomo wakho ukuthi uJesu uyiNkosi, ukholwa enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo, uyakusindiswa. Ngokuba umuntu ukholwa ngenhliziyo kube ngukulunga; futhi ngomlomo kuvuma kube yinsindiso. Ngoba umbhalo uthi: Wonke okholwa kuye kayikujabha. Ngokuba akukho mehluko phakathi komJuda nomGreki, ngokuba iNkosi eyodwa phezu kwabo bonke inothile kubo bonke abakhuleka kuyo. Ngokuba yilowo nalowo obiza igama leNkosi uyakusindiswa.