IsAmbulo 22:1-5

IsAmbulo 22:1-5 CZB24

Yangikhombisa umfula wamanzi okuphila ucwebezela njengekristalu, uphuma esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu. Phakathi kwesitaladi sawo nangaphesheya komfula kwakukhona umuthi wokuphila, othela izithelo eziyishumi nambili, uthela isithelo sawo inyanga nenyanga, namahlamvu omuthi angawokuphulukisa imimoya izizwe. Akusayikuba-khona isiqalekiso, kepha isihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu siyakuba kuwo; nezinceku zakhe ziyakumkhonza; Bayakubona ubuso bakhe; negama lakhe liyakuba semabunzini azo. Ubusuku abuyikuba khona lapho; futhi abadingi isibani, nokukhanya kwelanga; ngokuba iNkosi uNkulunkulu iyakukhanyisela, futhi bayobusa kuze kube phakade naphakade.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo