IsAmbulo 15:1-8

IsAmbulo 15:1-8 CZB24

Ngase ngibona esinye isibonakaliso ezulwini, esikhulu nesimangalisayo: izingelosi eziyisikhombisa zinezinhlupho eziyisikhombisa zokugcina; ngoba ulaka lukaNkulunkulu lugcwaliswa ngazo. Ngase ngibona kungathi ulwandle lwengilazi luxubene nomlilo, nabaphumeleleyo ukunqoba isilo, nomfanekiso waso, nophawu lwaso, nenombolo yegama laso, bemi elwandle lwengilazi; ephethe amahabhu kaNkulunkulu. Bahlabelela ingoma kaMose inceku kaNkulunkulu, nengoma yeWundlu, bethi: Mikhulu, iyamangalisa imisebenzi yakho, Nkosi Nkulunkulu, Mninimandla onke; zilungile, ziqinisile izindlela zakho, Nkosi yabangcwele. Ngubani ongayikukwesaba, Nkosi, adumise igama lakho, na? ngokuba wena wedwa ungcwele, ngokuba zonke izizwe ziyakuza, zikhuleke phambi kwakho; ngoba izahlulelo zakho zibonakalisiwe. Emva kwalokho ngabona, bheka, selivuliwe ithempeli letabernakele lobufakazi ezulwini; Izingelosi eziyisikhombisa zaphuma ethempelini, zinezinhlupho eziyisikhombisa, zembethe ilineni elihlanzekile nelimhlophe, zibophe izifuba zazo amabhande egolide. Esinye sezidalwa ezine eziphilayo sanika izingelosi eziyisikhombisa izitsha zegolide eziyisikhombisa zigcwele ulaka lukaNkulunkulu ophilayo kuze kube phakade naphakade. Ithempeli lagcwala umusi ovela enkazimulweni kaNkulunkulu nasemandleni akhe; futhi kwakungekho muntu owayengangena ethempelini, zize zigcwaliseke izinhlupho eziyisikhombisa zezingelosi eziyisikhombisa.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo