IsAmbulo 1:1-3

IsAmbulo 1:1-3 CZB24

Isambulo sikaJesu Kristu amnika sona uNkulunkulu ukuba abonise izinceku zakhe okumelwe ukwenzeka masinyane; wathumela ngengelosi yakhe wabonakalisa encekwini yakhe uJohane. Owafakaza ngezwi likaNkulunkulu, nobufakazi bukaJesu Kristu, nangazo zonke izinto azibonayo. Ubusisiwe ofundayo, nabawezwayo amazwi alesi siprofetho, bagcine okulotshiweyo kuso, ngokuba isikhathi siseduze.