IsAmbulo 1:1-20

IsAmbulo 1:1-20 CZB24

Isambulo sikaJesu Kristu amnika sona uNkulunkulu ukuba abonise izinceku zakhe okumelwe ukwenzeka masinyane; wathumela ngengelosi yakhe wabonakalisa encekwini yakhe uJohane. Owafakaza ngezwi likaNkulunkulu, nobufakazi bukaJesu Kristu, nangazo zonke izinto azibonayo. Ubusisiwe ofundayo, nabawezwayo amazwi alesi siprofetho, bagcine okulotshiweyo kuso, ngokuba isikhathi siseduze. UJohane kuwo amabandla ayisikhombisa ase-Asiya: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuye okhona nowayekhona nozayo; nakuMoya abayisikhombisa abaphambi kwesihlalo sakhe sobukhosi; nakuJesu Kristu, ongufakazi othembekileyo, nezibulo kwabafileyo, nombusi wamakhosi omhlaba. Kuye owasithandayo nowasigeza ezonweni zethu ngegazi lakhe. Wasesenza amakhosi labapristi kuNkulunkulu uYise; makube kuye inkazimulo namandla kuze kube phakade naphakade. Amen. Bheka, uyeza namafu; namehlo onke ayakumbona, nabamgwazayo, nezizwe zonke zomhlaba ziyakulila ngaye. Noma kunjalo Amen. Mina ngingu-Alfa no-Omega, isiqalo nesiphetho, isho iNkosi, ekhona, neyayikhona, nezayo, uMninimandla onke. Mina Johane, nongumfowenu, nomhlanganyeli wenu osizini, embusweni nasekubekezeleni kukaJesu Kristu, ngangisesiqhingini esithiwa iPhatmose ngenxa yezwi likaNkulunkulu nangenxa yobufakazi bukaJesu Kristu. NgangikuMoya ngosuku lweNkosi, ngezwa emva kwami izwi elikhulu kungathi ngelecilongo; esithi: Mina nginguAlfa loOmega, owokuqala lowokuphela; e-Efesu, naseSmirna, nasePhergamo, naseThiyathira, naseSardesi, naseFiladelfiya, naseLawodikeya. Ngase ngiphenduka ukuba ngibone izwi elalikhuluma nami. Ngithe ngiphenduka, ngabona izinti zezibani eziyisikhombisa zegolide; Naphakathi kwezinti zezibani eziyisikhombisa onjengeNdodana yomuntu, embethe ingubo efika ezinyaweni, ebophe isifuba ngebhande legolide. Ikhanda lakhe nezinwele zakhe kwakumhlophe njengoboya bezimvu, njengeqhwa; amehlo akhe enjengelangabi lomlilo; Izinyawo zakhe zazifana nethusi elicwengekileyo, sengathi zishiswe esithandweni; lelizwi lakhe linjengomsindo wamanzi amanengi. Esandleni sakhe sokunene wayephethe izinkanyezi eziyisikhombisa, nasemlonyeni wakhe kuphuma inkemba ebukhali esika nhlangothi zombili, nobuso bakhe bunjengelanga elikhanya ngamandla alo. Kwathi ngimbona, ngawa ngasezinyaweni zakhe njengofileyo. Wayesebeka isandla sakhe sokunene phezu kwami, ethi kimi: “Ungesabi; ngingowokuqala nowokugcina; Mina ngingophilayo, futhi ngangifile; futhi bheka, ngiyaphila kuze kube phakade, Amen; futhi nginezihluthulelo zesihogo nezokufa. Loba izinto ozibonileyo, lezikhona, lezinto ezizakuba khona emva kwalokhu; Imfihlakalo yezinkanyezi eziyisikhombisa ozibonileyo esandleni sami sokunene, nezinti zezibani eziyisikhombisa zegolide. Izinkanyezi eziyisikhombisa ziyizingelosi zamabandla ayisikhombisa, nezinti zezibani eziyisikhombisa zingamabandla ayisikhombisa.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo