UJehova uyinkosi, wembethe ubukhosi; uJehova wembethe amandla, azibhincile; nezwe lilungisiwe, ukuze linganyakaziswa. Isihlalo sakho sobukhosi simi kwasendulo, wena ukhona kwaphakade. Imifula iphakamisile, Jehova, imifula iphakamisile izwi layo; izikhukhula ziphakamisa amaza azo. UJehova oPhezukonke unamandla kunokuhlokoma kwamanzi amaningi, yebo, kunamaza amakhulu olwandle. Ubufakazi bakho buqinile kakhulu; ubungcwele buyindlu yakho, Jehova, kuze kube phakade.
Funda Amahubo 93
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Amahubo 93:1-5
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo