USimakade uyiNkosi, wembethe ubukhosi, uSimakade uvunule, ubhince amandla. Izwe ulimise laqina, alinakunyakaziswa. Isihlalo sakhe sobukhosi simi siqinile kwasemandulo. Wena ukhona kuze kube phakade. Simakade, imifula iholoba ngamandla, imifula iholoba kakhulu, imifula iduma ngamandla amakhulu. USimakade kweliphezulu unamandla ukwedlula ukuhlokoma kwamanzi amaningi, nokuduma kwamadlambi olwandle. Ubufakazi bakho buqinisekile impela. Simakade, ubungcwele buyifanele indlu yakho kuze kube phakade.
Funda AMahubo 93
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: AMahubo 93:1-5
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo