Amahubo 88:3-8

Amahubo 88:3-8 CZB24

Ngokuba umphefumulo wami ugcwele usizi, nokuphila kwami kusondele endaweni yokufa. Ngibalwa kanye nabehlela egodini; ngifana nendoda engenamandla. Ukhululekile phakathi kwabafileyo, njengababuleweyo abalele ethuneni, ongasacabangi ngabo, futhi banqunyiwe esandleni sakho. Ungilalise egodini eliphansi kakhulu, ebumnyameni, ekujuleni. Ulaka lwakho luyangisinda, ungichobozile ngamadlambi akho onke. Sela. Ubasusile kude nami abangazi bami; Ungenze ngaba yisinengiso kubo; ngikhiyiwe angikwazi ukuphuma.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Amahubo 88:3-8