Ngokuba umphefumulo wami ugcwele izinsizi, ukuphila kwami kusondele endaweni yabafileyo. Ngibalwa kanye nabashona emgodini, nginjengomuntu ofileyo. Icansi lami liphakathi kwabafileyo; nginjengababuleweyo abalele ethuneni, ongasabakhumbuli, benqunyiwe esandleni sakho. Ungibekile emgodini ojulile kunayo yonke, ebumnyameni, otweni. Kuyangisinda ukuthukuthela kwakho; amadlambi akho onke ayangicindezela phansi. Sela* Engikade ngazana nabo ubaxoshele kude, wangenza ngibe yisinengiso kubo; ngivalelwe, ngingephume.
Funda AmaHubo 88
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: AmaHubo 88:3-8
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo