AmaHubo 88:3-8

AmaHubo 88:3-8 ZUL59

Ngokuba umphefumulo wami ugcwele izinsizi, ukuphila kwami kusondele endaweni yabafileyo. Ngibalwa kanye nabashona emgodini, nginjengomuntu ofileyo. Icansi lami liphakathi kwabafileyo; nginjengababuleweyo abalele ethuneni, ongasabakhumbuli, benqunyiwe esandleni sakho. Ungibekile emgodini ojulile kunayo yonke, ebumnyameni, otweni. Kuyangisinda ukuthukuthela kwakho; amadlambi akho onke ayangicindezela phansi. Sela* Engikade ngazana nabo ubaxoshele kude, wangenza ngibe yisinengiso kubo; ngivalelwe, ngingephume.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne AmaHubo 88:3-8