Amahubo 79

79
Amahubo 79
Abantu bakaNkulunkulu abacindezelweyo
1Ihubo lika-Asafa. O Nkulunkulu, abezizwe bangenile efeni lakho; balingcolisile ithempeli lakho elingcwele; babeka iJerusalema laba yizinqwaba.
2Izidumbu zezinceku zakho bazinika izinyoni zezulu inyama yabangcwele bakho zibe ngukudla kwezilwane zomhlaba.
3Igazi labo balichitha njengamanzi nxazonke zeJerusalema; futhi kwakungekho muntu wokungcwaba.
4Sesiphenduke ihlazo komakhelwane bethu, inhlekisa nenhlekiso kwabasizungezile.
5Koze kube nini, Jehova? uzothukuthela kuze kube phakade na? ukushisekela kwenu kuvutha njengomlilo na?
6Thela ulaka lwakho phezu kwezizwe ongazaziyo, laphezu kwemibuso engalibizanga ibizo lakho.
7Ngoba bamdlile uJakobe, bachitha indawo yakhe yokuhlala.
8Ungakhumbuli ububi bethu besikhathi esidlule; umusa wakho mawubonakale kithi masinyane, ngokuba sithotshisiwe kakhulu.
9Sisize, Nkulunkulu wensindiso yethu, ngenxa yegama lakho, usisindise, uhlanze izono zethu ngenxa yegama lakho.
10Bangasho ngani abezizwe ukuthi: “Uphi uNkulunkulu wabo na?” kakwaziwe phakathi kwezizwe phambi kwamehlo ethu ngokuphindisela kwegazi lezinceku zakho elachithwa.
11Ukububula kwesiboshwa makuphume phambi kwakho; londoloza ngokobukhulu bamandla akho labo abamiselwe ukufa;
12Unike omakhelwane bethu kasikhombisa esifubeni sabo ihlazo labo abakuhlambalaza ngalo, Jehova.
13Ngalokho thina bantu bakho nezimvu zedlelo lakho siyakukubonga kuze kube phakade; siyakumemezela udumo lwakho ezizukulwaneni ngezizukulwane.

Okuqokiwe okwamanje:

Amahubo 79: CZB24

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume