Amahubo 62:1-7

Amahubo 62:1-7 CZB24

Kumholi wokuhlabelela, kuJedutuni, ihubo likaDavide. Impela, umphefumulo wami ulindela uNkulunkulu, insindiso yami ivela kuye. Yena yedwa uyidwala lami nensindiso yami; uyisivikelo sami; Ngeke nginyakazeke kakhulu. Koze kube nini niceba okubi ngomuntu? niyakubulawa nonke; njengodonga olugobayo nanjengothango oludilikayo. Bacebisana kuphela ukuze bamlahle ekuphakameni kwakhe; bajabulela amanga; bayabusisa ngomlomo wabo, kepha ezibilinini zabo bayathuka. Sela. Mphefumulo wami, lindela uNkulunkulu kuphela; ngoba ithemba lami livela kuye. Yena yedwa uyidwala lami nensindiso yami; uyisiphephelo sami; ngeke nginyakaze. KuNkulunkulu insindiso yami nodumo lwami; idwala lamandla ami nesiphephelo sami likuNkulunkulu.