Amahubo 34:4-7

Amahubo 34:4-7 CZB24

Ngamfuna uJehova, wangizwa, wangikhulula kukho konke ukwesaba kwami. Bambheka bakhanyiselwa, nobuso babo abuzange bube namahloni. Lo muntu ompofu wakhala, uJehova wamuzwa, wamkhulula kuzo zonke izinhlupheko zakhe. Ingelosi kaJehova iyehla nxazonke kwabamesabayo, ibakhulule.