Amahubo 26

26
Amahubo 26
Ngahlulele, Jehova; ngoba ngihambe ngobuqotho bami
1Ihubo likaDavide. Ngahlulele, Jehova; ngokuba ngihambile ekulungeni kwami; nami ngathembela kuJehova; ngakho-ke angiyikushelela.
2Ngihlole, Jehova, ungivivinye; vivinya izinso zami nenhliziyo yami.
3Ngokuba umusa wakho uphambi kwamehlo ami, ngihamba eqinisweni lakho.
4Angihlalanga nabantu abayize, futhi angiyikungena nabakhohlisi.
5Ngawuzonda umhlangano wabenzi bokubi; futhi ngeke ahlale nababi.
6Ngiyakugeza izandla zami ngingenacala; kanjalo ngiyakuzungeza i-altare lakho, Jehova;
7ukuze ngimemezele ngezwi lokubonga, ngishumayele zonke izimangaliso zakho.
8Jehova, ngiyayithanda indawo yokuhlala yendlu yakho nendawo lapho inkazimulo yakho ihlala khona.
9Ungabutheli umphefumulo wami nezoni, nokuphila kwami nabantu begazi.
10Okusezandleni zabo okubi, nesandla sabo sokunene sigcwele imivuzo.
11Kepha mina ngiyakuhamba ngobuqotho bami; ngikhulule, ube nomusa kimi.
12Unyawo lwami lumi endaweni ehlelelekileyo; emabandleni ngiyakumdumisa uJehova.

Okuqokiwe okwamanje:

Amahubo 26: CZB24

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo