Amahubo 22:1-3
Amahubo 22:1-3 CZB24
Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide. Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na? Kungani nikude kangaka ekungisizeni nasemazwini okubhonga kwami na? Nkulunkulu wami, ngiyabiza emini, kepha awuzwa; nasebusuku, angithuli. Kodwa wena ungcwele, wena ohlala ezibongweni zikaIsrayeli.


