Amahubo 143:7-10

Amahubo 143:7-10 CZB24

Ngizwe, Jehova, umoya wami uyadangala; ungangifihleli ubuso bakho, funa ngifane nabehlela egodini. Ake ngizwe umusa wakho ekuseni; ngoba ngithemba wena; ngazise indlela engifanele ukuhamba ngayo; ngoba ngiphakamisela umphefumulo wami kuwe. Jehova, ngikhulule ezitheni zami; ngibalekela Kuwe ukuze ngicashe. Ngifundise ukwenza intando yakho; ngoba wena unguNkulunkulu wami. Umoya wakho muhle; ngiholele ezweni lobuqotho.