Amahubo 143:1-12

Amahubo 143:1-12 CZB24

Ihubo likaDavide. Yizwa umkhuleko wami, Jehova, uzwe ukunxusa kwami; ngizwe ngokuthembeka kwakho nokulunga kwakho. Ungangeni ekwahluleleni nenceku yakho, ngokuba phambi kwakho akukho muntu ophilayo oyakulungisiswa. Ngokuba isitha sizingele umphefumulo wami; Washaya ukuphila kwami phansi; Wangihlalisa ebumnyameni njengabafa kudala. Ngakho umoya wami uyaphela amandla phakathi kwami; inhliziyo yami iyabila phakathi kwami. Ngiyakhumbula izinsuku zasendulo; ngiyazindla ngemisebenzi yakho yonke; ngizindla ngomsebenzi wezandla zakho. Ngiyazelulela izandla zami kuwe; umphefumulo wami womele wena njengezwe elomileyo. Sela. Ngizwe, Jehova, umoya wami uyadangala; ungangifihleli ubuso bakho, funa ngifane nabehlela egodini. Ake ngizwe umusa wakho ekuseni; ngoba ngithemba wena; ngazise indlela engifanele ukuhamba ngayo; ngoba ngiphakamisela umphefumulo wami kuwe. Jehova, ngikhulule ezitheni zami; ngibalekela Kuwe ukuze ngicashe. Ngifundise ukwenza intando yakho; ngoba wena unguNkulunkulu wami. Umoya wakho muhle; ngiholele ezweni lobuqotho. Jehova, ngiphilise ngenxa yegama lakho; Futhi ngomusa wakho kumelwe uqothule izitha zami futhi ubhubhise bonke abacindezela umphefumulo wami, ngoba ngiyinceku yakho.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo