Amahubo 128

128
Amahubo 128
Babusisiwe bonke abamesabayo uJehova; abahamba ngezindlela zakhe
1(Ihubo.) Babusisiwe bonke abamesabayo uJehova; abahamba ngezindlela zakhe.
2Ngokuba uyakudla umsebenzi wezandla zakho; uzojabula, futhi uzophila.
3Umkakho uyakuba njengomvini othelayo phakathi kwendlu yakho: abantwana bakho babe njengezithombo zomnqumo bezungeza itafula lakho.
4Bhekani, kanjalo umuntu owesaba uJehova uyakubusiswa.
5INkosi izakubusisa iseZiyoni, njalo uzakubona okuhle kweJerusalema zonke izinsuku zokuhamba kwakho.
6Yebo, uyakubabona abantwana babantwana bakho, nokuthula phezu kuka-Israyeli.

Okuqokiwe okwamanje:

Amahubo 128: CZB24

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume