BETH. Insizwa iyakuyihlanza ngani indlela yayo na? ngokuyinaka ngokwezwi lakho. Ngakufuna ngenhliziyo yami yonke; ungangivumeli ngiduke emiyalweni yakho. Izwi lakho ngalifihla enhliziyweni yami, ukuze ngingoni kuwe. Ubusisiwe wena Jehova, ngifundise izimiso zakho. Ngezindebe zami ngimemezele zonke izahlulelo zomlomo wakho. Ngiyathokoza ngendlela yobufakazi bakho njengengcebo yonke. Ngiyakuzindla ngemiyalo yakho, ngihloniphe izindlela zakho. Ngiyakuthokoza ngezimiso zakho; angiyikukhohlwa izwi lakho.
Funda Amahubo 119
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Amahubo 119:9-16
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo