JOD. Izandla zakho zangenza, zangibumba; ngiphe ukuqonda, ukuze ngifunde imiyalo yakho. Labo abakwesabayo bayojabula lapho bengibona; ngoba ngethemba ilizwi lakho. Ngiyazi, Jehova, ukuthi izahlulelo zakho zilungile, nokuthi ungicindezele ngokwethembeka. Umusa wakho mawube yinduduzo kimi njengokwezwi lakho encekwini yakho. Umusa wakho mawuze phezu kwami, ukuze ngiphile, ngokuba umthetho wakho uyintokozo yami. Abazidlayo mabajabhe; ngokuba bangiphathe kabi ngeze, kepha ngiyakuqaphela imiyalo yakho. Abakwesabayo mabaphendukele Kimi nalabo abazi ubufakazi bakho. Inhliziyo yami mayiphile ngezimiso zakho; ukuthi kangilanhloni.
Funda Amahubo 119
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Amahubo 119:73-80
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo