Amahubo 116

116
Amahubo 116
UJehova unomusa, ulungile; yebo, uNkulunkulu wethu ulesihawu
1Ngiyamthanda uJehova, ngokuba ulizwile izwi lami nokunxusa kwami.
2Ngokuba ebeke indlebe yakhe kimi, ngiyakukhuleka kuye zonke izinsuku zami.
3Izinhlungu zokufa zangizungeza, nezinhlungu zaseHayidese zangibamba; Ngathola ukucindezeleka nokudabuka.
4Ngabiza igama likaJehova; Jehova, sindisa umphefumulo wami.
5UJehova ulesihawu futhi ulungile; yebo, uNkulunkulu wethu ulesihawu.
6UJehova uyalondoloza abangenalwazi; ngathotshiswa, wangisiza.
7Buyela ekuphumuleni kwakho, mphefumulo wami; ngoba uJehova ukwenzele okuhle.
8Ngokuba uwukhululile umphefumulo wami ekufeni, amehlo ami ezinyembezini, nezinyawo zami ekuweni.
9Ngiyakuhamba phambi kukaJehova ezweni labaphilayo.
10Ngakholwa, ngakho ngakhuluma, ngacindezelwa kakhulu;
11Ngathi ngokuphangisa kwami: Bonke abantu banamanga.
12Ngiyakubuyiselani kuJehova ngazo zonke izenzo zakhe zomusa kimi na?
13Ngiyakuthatha indebe yensindiso, ngibize igama likaJehova.
14Manje sengizagcwalisa izithembiso zami kuJehova phambi kwabo bonke abantu bakhe.
15Kuyigugu emehlweni kaJehova ukufa kwabangcwele bakhe.
16O Jehova, isibili, ngiyinceku yakho; ngiyinceku yakho nendodana yencekukazi yakho; Uzithukululile izibopho zami.
17Ngiyakunikela kuwe umnikelo wokubonga, ngibize igama likaJehova.
18Manje sengizagcwalisa izithembiso zami kuJehova phambi kwabo bonke abantu bakhe,
19Emagcekeni endlu kaJehova, phakathi kwakho, Jerusalema! Dumisani uJehova.

Okuqokiwe okwamanje:

Amahubo 116: CZB24

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo